Ezokungcebeleka

Uhlonishwe ngeziqu zeDoctorate Degree uPhuzekhemisi 

Sihle Mkhize 

Uhlonishwe ngeziqu zeDoctorate Degree umakedebona emculweni kaMaskandi uPhuzekhemisi ngoMgqibelo eMlaza, eThekwini.

UPhuzekhemisi waqala ukuqopha umculo ngo-1988 nge-album esihloko sithi Wemalume kodwa odume ngeMbizo eneminyaka engu-38.

Umfo kaMnyandu uhlonishwe iSt Paul Bible Institute.

Kulo mcimbi obekudliwa kuwo izwi lenkosi amancoko umculo ububanjelwe ehholo lomphakathi kwaM.

ISt Paul Bible Institute ibithwesa iziqu abafundi bayo kusukela kuLevel 1, Diploma, Degree kuyofinyelela kwiDoctotare Degree ethweswe umfo kaMajazane.

Ezibongela esteji uPhuzekhemisi uthe uthulela isigqoko abafundisi abahlale beshumayela ivangeli lokuthula.

“Enikwenze kimina nikwenze nakwabanye. Amagolide agcwele umuzi kodwa imali ayikho. Lokhu abakwenze kimi kusho ukuthi kuningi okusezayo uma ngihlonishwa oSolwazi, abantu engibesaba kangaka” kusho uPhuzekhemisi.

UVice Chancellor weSt Paul Bible Institute uZenzele Sosibo obekhona kulo mcimbi uthe kube yintokozo ukuhlonipha lezi zihlabani.

“Esikwenzayo ukuhlonipha abantu ababambe iqhaza emphakathini. UPhuzekhemisi ungomunye wabantu abenze umculo kaMaskandi obubukelwa phansi ube kuleli zinga okulo” kuchaza uSosibo.

Uthinte nekaMqab’sheshe uMfiliseni Magubane obeyekezela imiyezane naye.

“NoMfiliseni Magubane ungomunye wabantu esibahloniphayo. Yingakho naye engasalanga ngaphandle”

Ezibongela esteji uMfiliseni ubavulele ngokulingisa ingoma iMbizo kwachwazwa ehambisana noPhuzekhemisi.

Ube mandla ekuculeni namancoko wabakhumbuzisa izingoma zakhe wadlisa nangokulingisa wathi uselobola ngevideo call encokola.

Sikhuluma nje umfo kaMajazane uhlele indumezulu yomcimbi Inkambo Annual Journey of Phuzekhemisi ezoqala ePietermaritzburg, ngomhla ka-30 August.

Amathiki atholakala kuzo zonke izitolo zakwa Shoprite, Checkers, online naseComputicket.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 116

Related Articles

Back to top button