Ezezimoto

Yini eyenza iToyota Hilux ilokhu iqhubekile nokuthandwa eMzansi?

Sihle Mkhize

IBakkie yakwa Toyota Hilux isalokhu iqhubekile nokuzihola phambili ngokuba yintandokazi eNingizimu Africa.

Lokhu sekuqhubeke iminyaka ilandelana kwazise ikhonzwe futhi ithenjwa yimindeni, abanini bamaplazi nosomabhizinisi.

Enye yezinto ezidala ukuthi ihlezi iyintandokazi ukuthembeka okuyisimanga.

Lesi silwane sikwazi ukumelana nazo zonke izimo zakulo mhlaba.

Asinamsebenzi ukuthi isobhuqwini, kwizinkontileka, noma emadolobheni iHilux ihlezi izidlela amahlanga.

Sekuqaphelekile ukuthi abantu baseNingizimu Africa bazikhonzile izimoto ezingongilonde kanti iHilux inakho lokho.

Abanikazi abaningi balolu hlobo lwemoto balusebenzisa umsebenzi onzima nsukuzonke, kodwa ilokhu idonsile noma sekudlule iminyaka.

Akubuzwa ukuthi ukuba ungilonde kweHilux kunomthelela noma usuyidayisa nokuba yinto elula.

Okunye egabe ngakho ukulonda upetrol noma udiseal.

Kuzokhumbuleka ukuthi amanani kapetrol ahlezi ehla enyuka kuleli kanti iHilux ayingeni ijule ephaketheni kodwa akumandla isilwane.

Kulabo abakhonze ukushaya izindawo ibafaka ezintweni kanti nangokomsebenzi ayikhathali.

Inkampani yakwaToyota ibuyekeze ukwakhiwa kwayo, ezobuchwepheshe kodwa futhi yangazilahla izimpande zayo.

Ngeke uzwe kuthiwa amaphathi athize ale moto akatholakali njengezinye.

Ngendlela iHilux eseyaphenduka ngakhona indandokazi isiyingxenye yemindeni eminingi kuleli.

Related Articles

Back to top button