
IMabhida icijele izinkumbi zabalandeli bebhola ngoMgqibelo
Amahle Radebe
Inkundla yezemidlalo iMoses Mabhida Stadium ikulungele ukwamukela umdlalo omkhulu wendebe iNedbank ngomhla ka-10 May kule nyanga.
Lo mqhudelwano ophakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirate uzobhekwe ngabovu.
Amasango azovulwa seligamenxe ihora leshuminanye ekuseni kanti umdlalo uzoqala seligamenxe ihora lesithathu ntambama.
Akusikho okokuqala lezi zinkunzi zeseSoweto zibamba umdlalo omkhulu eThekwini, kwenzekile nasemnyakeni eyedlule.
Ukuphepha nezinhlelo zokuvikela, ezihambisana nomthetho kuhleliwe ngaphakathi nangaphandle kwenkundla ukuvikela ababukeli bebhola.
Amaphoyisa azoqapha ngeso lokhozi imigwaqo kanye nezindawo zokungcebeleka ezahlukene.
Umphathi weStadia and Facilities Unit uDr Vusi Mazibuko uthe inkundla yezebhola isibalungele abathandi bebhola.
Uthe lenkundla idume ngokwamukela imibungazo emkhulu ebamba iqhaza elikhulu kumnotho.
“Le nkundla inesakhiwo somculo kanti isaqhubeka ukwamukela imicimbi emkhulu kube kusalungiswa ukuthuthukiswa nokunakekelwa kwayo,” kusho uMazibuko.
“Lo mdlalo akuzoba owokuqala eMoses Mabhida lapho khona amaqembu amakhulu aseSoweto ezobe eqhuthana amakhizane,”
“Asikaze saphoxa abalandeli ngaphambilini, futhi sifuna ukuqinisekisa ababukeli abazobe bekhona ukuthi sizobanika umdlalo oyinqophamlando nophephile,” kusho iMeya uCyril uXaba.
Lo mdlalo uzoqhubeka yize sekunokwesaba njengoba ukuthi abathandi bakanobhutshuzwayo badele ubuthongo namakhaya beyothenga kodwa bangawathola.
Ngenxa yentukuthelo nothando lwamaqembu sekukhona ukukhuluma okuthi abalandeli bazoya enkundleni bengaphethe mathikithi ngenhloso yokungena ngenkani.
Lesi simo singasibuyisela ibhola lakuleli esimweni sangomhla ka-11 ku-Ephreli.