Izindaba

Kutholwe izidumbu zandawonye zilahliwe eZwelisha

Philasande Luthuli

Kuhlangane iqulu lo mphakathi waseZwelisha entshonalanga neTheku uzobabaza okutholakala kwesidumbu kule ndawo.

NgoLwesithathu emini kutholwe abesilisa ababili abahlobene ngokuzalana oyedwa ebulewe kwathi omunye elimele kakhulu.

Batholwe ngasehlathini eligudle umfula oqhamukela eZwelisha.

Amalungu onogada beReaction Unit South Africa (RUSA) bathole umyalezo wokuthi abaphuthume endaweni yesigameko.

Oyedwa wabo utholwe eseshonile kwathi omunye yena ubesawuphonsa umbalane waphuthunyiswa esibhedlela.

Utholwe elimele kakhulu engakwazi nokukhuluma sekuthenjwe uMdali ngempilo yakhe.

Umufi ubebolile induku ekhanda, ebusweni masemzimbeni.

Amalunga omphakathi afakazile ukuthi nebala laba ngabazala abahlala bobabili eZwelisha.

Akukaziwa ukuthi yini le eholele ekutheni kubulawe umufi nokuthi kushaywe kanje nalo osinde ngokulambisa.

 

Khonamanjalo, kudutshulwe kwabulawa umshayeli wetekisi kuMasingana Road ePhase 6, eWaterloo, KwaZulu-Natal.

 

Umseshi emaphoyiseni akwaSouth African Police Service (SAPS) obengekho emsebenzini ufonele inkampanini yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) seligamenxe ihora lesikhombisa ecela usizo.

 

Onogada bakwaRUSA abapholisanga maseko baphuthuma endaweni yesigameko bazithela phezu kweToyota Quantum igingqikile ilele ngohlangothi.

Isidumbu somshayeli besisivaleleke ngaphakathi kwiQuantum.

Kubuye kwatholakala isidumbu somonye wesilisa ebangeni elingango-150 metres ukuqhela endaweni yesigameko.

Ubenezimbobo zezinhlamvu, naye uhlonzwe njengosefile.

Kuzwakale ukuthi umufi ubengumgibeli kuleli tekisi.

Ngesikhathi idutshulwa naye kuvela ukuthi ubehlezi ngaphambili nomshaheli.

Related Articles

Back to top button