
IPSL nezibuhlungu ngamathikithi eNedbank Cup
IPremier Soccer League (PSL) isiqedile ukuqagela ngodaba oluthinta amathikithi omdlalo wamanqamu eNedbank Cup.
Lokhu kuza emuva kokuqinisekiswa ukuthi adayiswa aphela emva kwemizuzu engama-90 ngawo uMsombuluko.
Kudayiswe amathikithi ayizinkulungwane ezingama-49 307, ayizinkulungwane ezingama-41 000 kwaba awa-General.
IPSL iphinde yaqinisekisa ukuthi labo abangawatholanga amathikithi kodwa ekubeni bekhiphe imali, sebebuyiseliwe izimali zabo.
Babalelwa ngaphezulu kwezinkulungwane ezili-10,000 abantu ababuyelwe izimali zabo.
Imbangela yokuthi kudayiseke amathikithi angaphezulu kwesibalo esabe sibekiwe ukuthi kwaba nokuphazamiseka ngenxa yenani labantu ababezama ukuthenga.
Umphathi wenkundla uDr Vusi Mazibuko uthi inkundla yezebhola isibalungele abathandi bebhola.
Uthe lenkundla idume ngokwamukela imibungazo emkhulu ebamba iqhaza elikhulu kumnotho.
“Le nkundla inesakhiwo somculo kanti isaqhubeka ukwamukela imicimbi emkhulu kube kusalungiswa ukuthuthukiswa nokunakekelwa kwayo,” kusho uMazibuko.
“Lo mdlalo akuzoba owokuqala eMoses Mabhida lapho khona amaqembu amakhulu aseSoweto ezobe eqhuthana amakhizane,”
“Asikaze saphoxa abalandeli ngaphambilini, futhi sifuna ukuqinisekisa ababukeli abazobe bekhona ukuthi sizobanika umdlalo oyinqophamlando nophephile,” kusho iMeya uCyril uXaba.
Lo mdlalo uzoqhubeka yize sekunokwesaba njengoba ukuthi abathandi bakanobhutshuzwayo badele ubuthongo namakhaya beyothenga kodwa bangawathola.
Ngenxa yentukuthelo nothando lwamaqembu sekukhona ukukhuluma okuthi abalandeli bazoya enkundleni bengaphethe mathikithi ngenhloso yokungena ngenkani.