Izindaba

Amaphoyisa aseDutywa adubule abulala abasolwa ngokuduna

Aphe Gcwabe 

Amaphoyisa aseDutywa angqokloze ababulala abasolwa ababili ngenhlamvu, oyedwa walimala kanzima abanye babaleka bagcwala izinkalo.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesithathu lapho kuqale kwajahwana ngezimoto, abazibonele bathi sengathi bekudlala ifilimu.

Amaphoyisa ancinzwe indlebe ngemoto yohlobo lwebakkie okusolakala ukuthi yasetshenziswa kuphangwa Keiskammahoek ekuseni.

“Amalunga ayisipesheli embuthweni abizwe asabela kuN2 eDutywa edolobheni,”

“Amise lemoto kodwa kwazinhlanga zimuka nomoya kwaqala ukudubulana phakathi kwabasolwa namaphoyisa,” kusho uLieutenant-Colonel Siphokazi Mawisa.

Kulokhu kukhala kwenganono kufe abasolwa ababili ujuqu.

Ngesikhathi sekuseshwa amaphoyisa athole iToyota bakkie nesibhamu.

“Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo amaphoyisa ahlanganise ubufakazi ebaholele eNcandu,”

Bazithele phezu komunye umsolwa onenxeba lokudutshulwa emlenzeni.

Kutholakale nebakkie budebuduze, kanti isibhamu sizoya kohlolelwa amanye amacala.

“Umsolwa olimele uphuthunyiswe esibhedlela ngaphansi kweso elibukhali bamaphoyisa,” kusho uMawisa.

Amaphoyisa aphansi phezulu abanye abasolwa ababaleke bagcwala idolobha.

Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi athinte amaphoyisa ngokushesha kwiCrime Stop 08600-10111.

Related Articles

Back to top button