Ezezimoto

Kuntwela ezansi kubuya umkhiqizo weToyota Hilux 

Sihle Mkhize

Kuduma imishini eToyota South Africa Motors (TSAM) eqale ngoLwesine ukukhiqiza isizukulwane  sesishagalolunye seveni iHilux eProspecton, eSiphingo.

Ukukhiqizwa kweHilux engenye yezimoto ezintandokazi kuza nokutshalwa kwemali engu-R10.4 billion kule nkampani.

Kuzokhumbuleka ukuthi nenkampani iToyota yashayeka ngesikhathi sezikhukhula ngo-April 2022.

Abaningi basala novalo lokuthi kungenzeka le nkampani ithuthe mhlawumbe iqhubeke nemikhiqizo yayo ngaphandle kwaseNingizimu Africa.

Kunalokho le nkampani yaseJapan iqinise amabhawodi ngokuthi ivule olayini abasha bemikhiqizo, amarobhothi asezingeni eliphezulu nengqalasizinda yesimanje.

Lokhu kuqinisekisa ukuzibophezela kwabo isikhathi eside kuleli, ukuvikela izinkulungwane zamathuba emisebenzi ukuthi ingalahleki nemikhiqizo ethunyelwa kwamanye amazwe.

Sekuneminyaka engaphezulu kwengu-50 selokhu kwaqalwa ukukhiqizwa lolu hlobo lwemoto eNingizimu Africa.

Umcimbi wekwethulwa kwale ngqovungqovu ubuhanjelwe uNdunakulu KwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli, Industry and Competition Parks Tau, KwaZulu-Natal MEC for Economic Development, Tourism and Environmental Affairs Reverend Musa Zondi, iMeya yeTheku uCllr Cyril Xaba, uMengameli weToyota South Africa Motors nomqondisi u-Andrew Kirby, abaholi bamabhizinisi nezinhlangano ezimele abasebenzi.

Bekulindelekile nokuthi kufike uMengameli uCyril Ramaphosa kodwa ngenxa yezinkinga kwindiza ebisuka ePitoli ugcine engakwazanga.

IHilux isalokhu imile ekubeni iveni elidayiswa kuhle kwamagwinya ashisayo kuleli nangaphandle.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button