
Zimkhalele obeyiMeya eboshwa eshayela edakiwe
Philasande Luthuli
Ukweqiwa yinjabulo kubantu baseDundee namaphethelo njengoba bekunomtelebhelo wamahhashi kubaholele ezitokisini abanye babo.
Kubantu ezibakhalele emgaqweni ngenxa yokushayela bedakiwe kukhona nowayeyiMeya kuMasipala waseNdumeni.
Amaphoyisa omgwaqo iRTI abophe lo msolwa emva kokumbhadama eqisile ezinkambeni zikaFaro.
“Animeni kancane, aninamvumo yokusebenzela la eDundee, kufanele ngabe nisebenzela eNewcastle,” kubhoka owayeyiMeya ebhekise kumaphoyisa.
Njengoba bese evalelwe nabanye endaweni eyiboardroom kuthathwa imininingwane yabo kuthiwa ubone lendawo sekuyisigcawu sesopolitiki (council chamber).
Kuthiwa unyukelwe ukuzethemba njengoba abanye abashayeli bebenethemba lokuthi kungenzeka nabo abatakuli kwazise uwusopolotiki onegama.
“Yebo ningangibopha impela kodwa ubani onibophayo nina,” ebuza ngokudinwa kucaca ukuthi unengekile.
“Sikhathele yinina. Ngikhuluma nani,” kuqhuba yena.
Ngesikhathi abanye abeboshwe nabo bebuyelwa yithemba lokuthi angayinqoba lempi abanye abasolwa abebedakwe befile bagcine sebezunywa ubuthongo.
IRTI iphonse umbuzo wokuthi #NenzaniLaEzweni.
Kuthiwa obeyiMeya uphendule ikhanda ungafunga ukuthi kuneDeputy Mayor, uSomlomo namakhansela obekumele amelekelele aphendule lo mbuzo.
Amaphoyisa agcine ekhathele yilezi zinkulumo ebezingayi ndawo watshelwa emehlweni ukuthi uzochitha impelasonto yakhe esitokisini nabanye abawu-33 aboshwe nabo bedakiwe.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka ka-2024 uMnuz Siyabonga Ndlovu wasula esikhundleni sokuba yiMeya ngenxa yokukhula kwengcindezi yepolitiki kuMasipala waseNdumeni.
Isikhundla sakhe sathathwa iMeya uCll Mcebo Mkhize.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



