Ezokungcebeleka

Uyalulama umculi obeshaywe isifo sohlangothi

Sane Mseleku

UMCULI weHip Hop uDa L.E.S uyalulama ekhaya emva kokushawa isifo sohlangatho ngosuku lokuzalwa eqeda uminyaka engu-39 ngoJulayi 26.

Nakuba esenayo inkinga yokukhuluma kahle kodwa uyalulama. Ubonge abalandeli ngemithandazo yabo, esazama ukululama ngokuphelele.

“Ngibonga ukungeseka kwenu, imithandazo yenu iyasebenza. Ngibonga uthando,” ubhale kanje kwizinkundla zokuxhumana kuleli sonto.

Ithimba lakhe libhale ku-Instagram ngo Msombuluko lisho ukuthi manje wenza irehab, uyalulama ngokwesekwa umndeni.

“UDa L.E.S ubonga akaphezi, ngothando oluphuphumayo kubalandeli, abangani nabo bonke abamesekile,” beqhubka.

Noma esabambekile engakhulumi kahle kodwa usebenza kanzima ukululama ekhaya, emva kokubuya esibhedlela.

Umndeni ugoduke naye ngesikhathi engalitholi igumbi lakhe yedwa esibhedlela, emva kokuthola usizo eCharlotte Maxeke naseSouth Rand hospital.

“Kuthatha isikhathi ukuphola kodwa, kodwa uhleli ethembeni lokululama ngokuphelele,” kusho istatimende.

Khona manjalo umculi weKwaito, uL’vovo Derrango naye obeshaywe isifo sohlangatho uyalulama. Kumanje ukhiphe ingoma entsha ethi Nomalanga apike kuyo uMpumi.

UL’vovo uthi uthatha kancane kancane akajahe ndawo ufuna ukululama ngokuphelele. Ubonga abalandeli bakhe abamgqugquzela ukuthi aphinde eStudio.

Waqalwa ukugila ngonyaka ka-2022 wahlala esibhedlela izinyanga. Ubelokhu ebhala ngokululama kwakhe kwizinkundla. Wayefisa ukusheshe abuyele emculweni kodwa odokotela banqaba ngenxa yokungaphili kahle.

Related Articles

Back to top button