Izothola amanqushana iChiefs ngoMthethwa
IKAIZER Chiefs kuthiwa isisithathile isinqumo ngomdlali wasesiswini uSibongiseni Mthethwa oweqiwa yijezi selokhu kufike uNasreddine Nabi.
Sekucacele cishe wonke umuntu ukuthi uMthethwa, odume ngelika-Ox, akekho ezinhlelweni zikaNabi futhi kuthiwa usohlwini lwabazongena endalini ngoJanuwari.
UMthethwa ujoyine Amakhosi ngenkontileka yeminyaka emithathu esuka kwiStellllenbosch FC esikhathini esingangonyaka esidlule.
Kuze kube manje usakuthole kunzima ukungena azinze esikimini kanti isimo sijike sasibi kakhulu kule sizini.
Ukubuya komdlali wasesiswini uNjabulo Blom obolekiswe yiqembu lase-United States nakho kwenze izinto zaba nzima kulo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala.
Kule sizini uMthethwa akakabonakali nhlobo kwiChiefs kanti ngokomthombo, isizathu salokho kungenxa yokuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi uNabi.
“Sesithathiwe isinqumo sokunqamula ubudlelwano noMthethwa, kodwa ngenxa yokuthi iqembu lakhokha imali eshisiwe kwiStellenbosch ngesikhathi limsayinisa ngonyaka odlule, ngeke limkhulule mahhala.
“Bazomfaka ohlwini lwabadayisayo futhi ngethemba ukuthi bazosheshe bamtholele iqembu elizomthenga,” kucashunwe umthombo usho kanje kwabePhakaaathi.
“Ungumdlali oseqophelweni eliphezulu ngakho nginesiqiniseko sokuthi ngeke aziswele izesheli.
“Kodwa angicabangi ukuthi iChiefs izoyibuyisa imali eyikhiphe imthenga kwiStellies.
“Uzokhumbula ukuthi wayengumdlali weBafana Bafana ngaleso sikhathi futhi engashibhile neze.”
Lisenethini.com