Ezokungcebeleka

UKelly Khumalo usezigayela yena umuthi

Sane Mseleku

UMCULI wakuleli osematheni kulezi zinsuku uKelly Khumalo ngenxa kokushuba kwecala lokufa kwaSenzo Meyiwa uthuse abaningi ngesimemezelo.

UKelly obegubha ukuhlanganisa iminyaka engu-40 ngoMsombuluko umemezele ukuthi ekugcineni usephothulile ukuthwasela ukuba inyanga.

Ekhuluma noKhozi FM ohlelweni iVuka Breakfast Show (VBS) noSgqenwza noMroza uveze ukuthi cishe usethwase iminyaka emine noma emihlanu.

Manje uma ekhuluma, ubiza abesifazane ngogogo, abesilisa ngomkhulu okungamagama akhombisa inhlonipho kubantu abadala abangasekho.

“Namhlanje, ngoba ngigubha usuku lwami lokuzalwa, ngiyaphothula ebunyangeni. Sengiyinyanga ngokusemthethweni.

“Emva kweminyaka eyimashumi nanhlanu, ngizama ukuzifuna ukuthi ngingubani. Namhlanje sengiphothulile ebunyangeni.

“Kodwa okwami kuhlukile, kungaphezulu kobunyanga, nginesiphiwo esidlulele. Angisebenzi ngesizwe esimnyama kuphela kodwa umhlaba wonke. Yikho kuthathe isikhathi eside kangaka ukuthi ngizithole nggogo,” usho kanje.

“Ngithwase ezindaweni ezihlukene izihlandla ezine noma ezinhlanu. Kodwa okokuqala ngiphothula, ngithwase ezindaweni ezahlukahlukene emanzini, ehlathini, ngomthandazo nangezimpande. Kubalulekile ukuthi ngizazi ukuthi ngiphumaphi futhi ngiyaphila,” kuphetha uKelly.

Related Articles

Back to top button