Izigemegeme emshadweni womlingisi ohlukanisayo
Sane Mseleku
LIGQASHUKILE ifindo lomshado kumlingisi ohlonishwayo ngamagalelo wakhe kuleli uSello Maake kaNcube nomkakhe uPearl Mbewana.
USello ushove ngencwadi yamaphoyisa umkakhe ukuthi angasondeli kuyena.
“Uthathe incwadi wayifunda maqede wayilahla phansi ethi ngeke ayisayine lento. Wathi uzongikhombisa umhola,” kusho uSello.
UMbewana ephawula kwiTshisaLive uthe ubesathukile, esazama ukuqonda ukuthi kwenzekeni.
“Unesikhwele, uyangilawula unomsangano nje. Imina engamtshela ukuthi asikebhule incwadi yomshado. Ungivuse ngilele ngingagqokile ekameleni lami. Ngavuka amadoda egcwele emzini wami,” kusho uMbewana.
“Ngiyisayina kanjani into engingayifundanga? Ngathi angiwusayini uthuvi. Bavule isicabha sami ngoba unokhiye, ngithe ngisathukile kanti uyena. Iphutha lami ukuthi angivumanga ukusayina into engingayiqondi.
“Ngizamile ukwenza lomshado ukuthi usebenze, ngisaba ukuthi abantu bazothini. Sengibhekane nezinkinga eziningi kulo mshado, ngikhathele ngifuna ukuphuma nje. Sekuphele iminyaka emine ngingakhululekile, ubengiphethe kabi uPearl injabulo angiyazi nje.” kuqhuba uSello.
“Angikaze ngibe inkinga emshadweni wami, kodwa umkami nje inkinga. Uyena obebhala konke nje kwizinkundla zokuxhumana, wabe engiveza njengomuntu ojabulile emshadweni, lapho ngihleli esihogweni.”
NgoMashi kwashabalala emithonjeni yabezindaba ukuthi bayahlukanisa. UMaake wayalela abammeli baka Swanepoel Van Zyl Attorneys ukuthi bamumele.
UMbewana naye kuthiwa usebenzise abammeli ababodwa ecela bamsize abuyele esibongweni sakubo. Nokuthi angeke asiphonsele inselelo isehlukaniso.
Wabe esecela umuzi oseBlue Valley ukuthi udayiswe bahlukaniselane imali, nokuthatha imoto eyodwa kanye nokuhlukaniswa kwemali eyaqala ukutholakala ngo-Okthoba 31 2021.
“Sishade umshado wenhlanganisela. Sathenga imoto ngavuma ibe egameni lakhe ngoba umyeni wami. Sinezimoto ezimbili ngizothatha eyodwa, iPorsche noma iMercedes,”
USello usola ukuthi uMbewana ujola noLebo Keswa obeshade noLetoya Makhene, kodwa uMbewe ukuphikile lokho, wathi bahlangeniswe umsebenzi.