Izindaba

Badutshulwe bafela e-EC abebefunwa eKZN

Philasande Luthuli

BADUTSHULWE bafela e-Eastern Cape abasolwa ababili baseKZN abebelandelwa amaphoyisa, Fidelity SIU nabe-Intelligence.

Laba solwa bebefunelwa amacala okubamba izimoto ezithutha imali.

Ngokusho kwamaphoyisa athi abone imoto ebihamba abasolwa eQumbu ngoMsombuluko emini.

Kube sekuhlatshwa umkhosi kwahlangana abeDPCI’s CIT Task Team, SAPS CI, TRT namaphoyisa aseTsolo zabakhalela labasolwa abebehamba ngePolo TSI eTsolo eMhlakulo.

Kube nokugagazisana ngenganono nabomthetho kwashiyana ukwenza basala kanjalo enkundleni.

Kutholakale izibhamu ezimbili nezinhlamvu.

Khonamanjalo amaphoyisa aseMthatha, acela usizo ukuthungatha abophe abasolwa ababandakanyeka ekubulaweni kwabantu besifazane ababili abaneminyaka engu-28 no-53.

Laba besifazane babulawe ngeSonto ebusuku eNtokozweni.

Ngolwazi lwamaphoyisa kufike kwangqongqoza abantu abangaziwa okuthe uma bengena bavulela ngenhlamvu, akwaziwa imbangela yokubulala njengamanje kodwa uphenyo luyaqhubeka.

Amaphoyisa acela noma ngubani ongalekelela ngolwazi ukuthi athinge isiteshi samaphoyisa esiseduze noma bafonele uDetective Commander noma uLieutenant Colonel Ndzamela ku-082 442 0743.

Kulo usuku lwangeSonto e-Eastern Cape amaphoyisa ophiko lweFlying Squad eGqeberha abophe umsolwa ngecala lokuzama ukubulala, ukushayela budedengu, ukutholakala nemoto esolakala ukuthi intshontshiwe nezimbazi ezitholakala olwandle.

Related Articles

Back to top button