Bahlonyiswe ngamaqhinga kwezamabhizinisi eMphithi
Musa Mkhize
BATHOLE ithuba eliyingqayizivele lokucotshelelwa ngolwazi osomabhizinisi emcimbini obuhlelwe isifunda saseMgungundlovu ngokubambisana nenhlangano evikela abathengi i-National Consumer Commission (NCC).
Umcimbi ububanjelwe eCity Hall, ngoMsombuluko emini.
IMeya kuMasipala waseMsunduzi uMnuz Mzimkhulu Thebolla ethula inkulumo mayelena nokuphatha ibhizinisi ngendlela esemthethweni, nokukhuthaza abantu uchaze wathi kumele osomabhizinisi babekezele.
Kuzokhumbuleka ukuthi sekushone izingane ezingamashumi amabili nantathu (23) eNingizimi Afrika okusolakala ukuthi zidle ama-chips eziwathenge ezitolo zabokufika.
“Lapha phakathi kwenu kukhona abantu abazimisele ukuthi amabhizinisi wabo aqhubeke aye phambili. Into engicela niyenze ukuthi kumele niyibambe ishisa noma ngabe kunzima kangakanani ngoba umasipala uzimisele ngokunixhasa. Osomabhizinisi bakudala bangena kumabhizinisi lungakabi khona nhlobo uxhaso, manje kukhona iminyango okumele nixhumane nayo ukuze nithole uxhaso,” kusho uThebolla.
UKhomishana osabambile we-NCC, uMnuz Hardin Ratshisusu, uthe bayaqhubeka nomkhamkaso wabo wokuhlola izimpahla ezidayisa ezipaza zabantu bokufika kanti bathole ukuthi iningi lalezi zitolo ziphula i-Comsumer Protection Act (CPA no68 ka-2008) neminye imithetho yabathengi.
Uthe isigaba 55 se-CPA sikubeke kwacace ukuthi abantu kumele badayiselwe impahla ephephile futhi ezikhiqizwe ngendlela efanele.
“Osomabhizinisi abadayisa impahla edlulelwe yisikhathi bazohlawuliswa u-10% wemali abayenzayo. Sizoqhubeka nokuhlola ukudla okudayiswa ezitolo ukuze sivikele abantu,” kusho uRatshisusu.
Uveze ukuthi bahlole izitolo eNaledi, eSoweto nase-Eastern Cape abathole ukuthi zidayisa ukudla okubolile, okunye akunawo amalebuli achaza ngakho.
Ukudla okutholwe ukuthi kudayiswa noma sekubolile okwezingane, ikakhulukazi oswidi, amajusi, noodles, ama-chips, amakhekhe nokunye okudliwayo. Ukhomishana we-NCC uthe bazoqala umkhankaso wokuhlola izitolo zaseMgungundlovu maduzane.