Ezokungcebeleka

UPrince Kaybee ubize uTNS ngesfe@#$ kubangwa i-3 step

Liyah Mseleku 

Zimb’indaba kwizihlabani zomculo eMzansi kubangwa ukuthi ngubani owafika kuqala nohlobo olusha lomculo obizwa nge-3 step.

Impi yomlomo igqame kakhulu phakathi kwaPrince Kaybee noTNS obese kubukwa bona ezinkundleni zokuxhumana bechaphana ngenhlamba.

UTNS ugadle ngokubiza uPrince Kaybee noHeavyK ebabiza ngoSgora noSdudla.

“Labo baba abasebadala namanga yekani ukuzimpintsha Sdudla noSgora i3Step wafika nathi izingane”

“Ngidlulisa ukubonga kuTakzin, DlalaThukzin, noMordaBongz ukuthatha lo mculo bawubeke kwelinye izinga. Abanye hlalani phansi,” ubhale kanje uTNS.

Akapholisanga maseko uPrince Kaybee wazibuyisa izinduku.

“Wena sefeb$##@ nekhanda elikhulu gxila kubantu bakho, umatasa ubizwa eMnambithi njalo ngezimpelasonto ekubeni ezinye izingane zithola izingxizo kuma passport ” kugadla uPrince Kybee.

Kwalile ukuthi uTNS ahoxise amazwi wakhe kunalokho uthele uthele uphethiloli empilweni.

“Sebekubize kakhulu ngeSfebe… Angidliwa mina ukuze ngithole udumo. Angidliwela impumelelo, ubheke ungathi uyangithuka kanti…”kuphendula uTNS.

UHeavy K ufisele uTNS amabhadi wodwa.

“Ngifisa sengathi amalunga omndeni wakho angakuloya unye kakhulu baqedele okusele kulengqondo yakho. Wena mfana kubo bonke abantu uTakzin noTukzin ontanga bakho? Kodwa awukho ndawo foko#$+” kuthuka uHeavy K.

“I3 step ivele kwigqomu lakudala elalibizwa uthayela uPrince Kaybee noHeavyK akaze bawshaye u3 step lezangoma zabo zazu 4step”

“Itempo yayingafani no-3 step lo abawubangayo, labantu abadala bafuna ukubulala iphalishi lezingane” kuphawula uKwanele Khumalo ezinkundleni zokuxhumana.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button