Izindaba

Usazogqunywa ‘ungqondongqondo’ ekufeni kwaDJ Sumbody

ICALA lihlehliselwe umhlaka-15 Agasti kulo nyaka elibhekene nosolwa ukuba ungqondongqondo ekubulaleni uDJ Sumbody.

Usomabhizinisi uKagiso “TK” Molefe, uvele enkantolo yase Alexandra mamhlanje, ukuyofaka isicelo sebheyili.

Kukholakala ukuthi uMolefe uyena ophambili ekufemi kwaDJ Sumbody, nonogada bakhe uSibusiso Mokoena noSandile Myeza.

Badutshulwa eWoodmead ngoNovember 2022 ngentululwane yezinhlamvu.

UMolefe ume yedwa ebhokisini enkantolo, njengoba abanjwa nabo bathi ngeke baze basifake isicelo sebheyili, okungu Michael Pule Tau, Tiego Floyd Mabusela no Musa Kekana.

Leli qembu labathathu liyathinteka futhi ekubulaweni kuka Hector “DJ Vintos” Buthelezi. Wadutshulwa wabulawa ngo March 2022 ngaphandle kwenightclub e-Orlando East, eSoweto.

UButhelezi wadutshulwa izinkabi ezazihamba ngemoto yohlobo lweBMW X5.

Ngomhlaka-29 July kwavela ukuthi uMolefe kanye nalabasolwa abathathu bathweswa necala lokubulala uTindleni.

Ngokusho kwamaphoyisa, wonke lamacala okubulala, kubalwa kuwo Armand Swart, Don Tindleni, babulawa ngendlela eyodwa kusetshenziswa uhlobo olulodwa lwesibhamu se-AK-47 rifle.

Ithimba labammeli baMolefe, lifunde isitatimende sakhe, esithi phambilini wake wayithola ibheyili yaR100 000 kwinkantolo enkulu yasePitoli wahlala emzini wakhe oseSandton.

Isitatimende siqhubeke sathi “Amaphoyisa azama ukuvula isango lakwami ngenkani, ngasheshe ngavula kungakenzeki umonakalo omkhulu.”

UMolefe uphinde wavuma ukuthi wake waboshwa phambilini e-UK ngokushushumbisa insangu. Utshele inkantolo ukuthi udayise imoto yakhe iMercedes-Benz V-Class ukukhokhela izindleko zabammeli.

Umbuso uyayihlaba eyebheyili ngenxa yokuthi uMolefe angabalekela kwamanye amazwe.

“Umsolwa isigebengu esiyingozi kakhulu futhi esingenazwelo ngempilo yomuntu. Bonke ubufakazi bukhona. Usehambe amazwe izikhathi eziwu115, akukho okungamvimba namanje,” kubika umbuso.

UMolefe ubemincile ngesikhathi umbuso uhlaziya icala abhekene nalo.

Ngesikhathi sekhefu, uMolefe ubukeke ephithene ikhanda emva kokuthi umbuso uveze konke ngepassport yakhe.

Unxenxe abammeli bakhe ukuba bacele kuhlehliswe ukuze bakwazi ukuqoqa amaphepha ahambisana naloludaba.

Related Articles

Back to top button