Ezokungcebeleka

UNgqongqoshe wodumo “abahambe” akezwa mshini ngowase Nigeria

Mleven kaZikiza

ISINGENWE nawuNgqongqoshe weZemidlalo namaCiko uGayton McKenzie indaba kaChidimma Vanessa Adetshina ongenele uMiss SA 2024.

Isuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana eyokuvela ukuthi le ntokazi, esingene kuTop 10, ingeyase Nigeria ngaleyo ndlela akufanele ibe ingxenye yalo mncintiswano.

Kubuye kwavela ukuthi u-Adetshina wazalwa eChris Hani Baragwanath Academic Hospital eSoweto ezalwa ubaba waseNigerian kumama waseMozambique.

Umsindo ubuye wabhebhetheka ngesikhathi u-Adetshina efaka i-video ekuvele abantu begqoke izingubo zaseNigeria bemhalalisela.

Abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana bakhuze bababaza, baze banxusa uMcKenzie ukuthi angenelele kulolu daba.

Nebala akacushwanga uMcKenzie naye oveze ukushaya amakhala ukuthi le ntokazi ingavunyelwa ukuncintisana nezinye.

“Ngisanda kubuya eParis (kuma-Olympics) kanti ngifuna ukuqinisekisa ukuthi ngizophenya kabanzi. Eqinisweni angeke sikwazi ukuthi sibe nabantu baseNigeria bencintisana kuma-Miss SA wethu. Ngizophinde ngiphawule kabanzi uma sengiluqedile uphenyo lwami,” uMcKenzie ubhale kanje ku-X obudume ngokuthi uTwitter.

Nomholi we-Action SA uHerman Mahlaba usigxekile isenzo sale ntokazi.

“Le ntokazi izidonsela amehlo abantu ngokuthi izihlanganise nabantu abadume kabi futhi abanye babo abaseNingizimu Afrika ngokungemthetho,” ubhale kanje uMashaba.

Kodwa umholi we-EFF uJulius Malema ukhombise ukumeseka u-Adetshina.

“Ubuzwe bakho busho ukuthi uzalelwe kuphi. Uma kuwukuthi wazalwa lapha okusho ukuthi ungowaseNingizimu Afrika. Yena akayena abazali bakhe. Unguyena nje. Pho manje kunani? Akumele sijezise abantu ngenxa yokuthi abazali babo badabuka kuphi,” kuphawula uMalema.

 

Related Articles

Back to top button