Ezemidlalo

UJabu Mahlangu ukhwele wadilika kuLinda Buthelezi

Kwande kaZikiza

OWODUMO kwiKaizer Chiefs neBafana Bafana uJabu “Shuffle” Mahlangu useshiye engalazi kuLinda “Mercedes Benz” Buthelezi.

Umsindo ususwe wukuthi uButhelezi ethe kuyamxaka ukuthi kungani uMahlangu abizwe nge-legend (inkakha).

UButhelezi, owanqoba isicoco se-Africa Cup of Nations neBafana Bafana ngo-1996, uphawule ngezinkakha ngemuva komdlalo weChiefs nCeltic emdlalweni obuseToyota Stadium ngeSonto.

UButhelezi uthe ngokwakhe uDoctor Khumalo kuleli qembu ebelidlala okumfanele ukubizwa ngenkakha.

Ekhuluma neKickoff.online uButhelezi uthe: “Abantu abamoshile abezindaba ngoba nje uma umdlali eshaye igoli elilodwa kwiWorld Cup seniyaqala nimbiza ngenkakha. Ngokwami inkakha abadlali abanjengo-Ace Ntsoelengoe, Doctor Khumalo, Pele, Maradona abebethwala amaqembu wabo bebodwa ngobuchule babo. Manje iyangixaka eyokuthi uJabu abizwe ngenkakha. Ngokwami ungomunye wabadlali abancane abadlala kahle kodwa ngokuhamba kwesikhathi wazimosha,”

UMahlangu udinwe waganwa unwabu wafaka i-video kuFacebook ekhwela edilika kuButhelezi, ambize ngenkomo kwazise wayevamise ukukhishwa ngekhadi elibomvu.

“Okokuqala nje wena Grootman angikaze ngizicelele ukuthi ngifuna ukubizwa nge legend noma i-celebrity, yonke nje leyo nonsense. Ngiyamangala manje ufaka igama lami uthi angiyona ilegend. Khona manje uthi ngimoshe ibhola lami, wena ungubani ngempela ngoba ubuyinkomo nje wena? Ngoba ngisho uma kubalwa amagama ezinkakha zeBafana Bafana wena igama lakho alibizwa. Wena ubuyinkakha yama-red cards ngoba ubuklabha abantu futhi nje mina bengingalibuki ibhola uma kudlala wena. Ubusizwa oDoctor noShoes ngoba ubungakwazi ngisho ukushaya i-pass esile,”

 

Related Articles

Back to top button