Izindaba

Kushoda imali yokungcwaba umculi oshone engozini

Bahle Mkhize

BAPHONSA esivivaneni abalandeli bomculi uLizwilenkosi Mtshali obaziwa ngoLizwi Wokuqala kwezikaqedisizungu.

Lokhu kuza ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi umndeni wakhe awazi ukuthi uzothatha ini uhlanganise nani.

ULizwi ushone engozini yemoto noMalome Victor esifundazweni iFree State ngeledlule.

Leli ciko lidabuka eThekwini, eNanda.

IManager yalo mculi uStanley Khoza uhlabe umkhosi wacelela umndeni uxhaso ukuze angcwatshwe ngesizotha ngoba isimo asihambi kahle ekhaya kwezezimali.

Unina womufi uBawelile Sishi ukhiphe i-akhawunti ukuze labo abenesifiso balule isandla.

Nokho kubukeka kukhona oMsamariya abenesihawu.

Abanye babo baze bashuthe amascreen shots ukukhombisa ubufakazi bemali abayifakile.

Ngokwezinhlelo zomndeni ubufisa ukungcwaba Lo mculi ngeSonto uma kuhlangane imali.

Donation account – Standard Bank

Account Holder – Bawelile Sishi (Mother of the deceased )

Account number – 20 584 287 9

Related Articles

Back to top button