Izindaba

Ingebhe kutholakala ingane yentombazane (7) inqunyiwe

Aphe Gcwabe

UTHOLAKALE enqunyiwe  uZanokuhle Khumalo  (7) obedukile esigodini sakwaDumisani Makhaye, eMpangeni.

Isidumbu sale ntombazanyana sitholwe kurondo sishuthekwe ngaphansi kombhede wesilisa. Yona ibilahleke ngezikhathi zasekuseni ngoLwesibili yatholakala ebusuku.

Ngokwemibiko ithunjwe izidlalela endaweni. Umphakathi wase uphuma inqina uhamba uthungatha umsolwa. Nebala bamthola ecashe eBnB Hillview, eMpangeni.

USandile Mhlongo oyisishoshovu ebesihamba phambili emkhankasweni wokubheka uZanokuhle ulandise abalandeli bakhe kuFacebook ukuthi sebemtolile umntwana.

“Ngibonga umphakathi wasezinkundleni zomphakathi ngisazoba namandla okuxoxaa ukuthi kwenzekeni. Engingakuqinesikisa ukuthi umntwana akasekho emhlabeni.

Ngeke ngikhohlwe amaphoyisa aseMpangeni ikakhulukazi uBrigadier Thango umphathi siteshi othumele ithimba lakhe elisizile ukuthungatha isidumbu. Sibe sesizibambela mathupha namalunga omphakathi nokuyilapho sithole umntwana kwiBnB eHillview. Umsolwa simnikeze amaphoyisa,” ubhale kanje.

UMhlongo uqhube ngokuthi abazokwazi ukudedela eminye imininingwane ebucayi njengoba umndeni usasemakhandlenini.

Ube esenxenxa labo abangakwazi ukulula isandla ukuthi bangenelele ukuhlelea umngwabo kwazise umndeni  uhlwempu.

MaNtshingila kaMafu ubhonge emswaneni ezinkundleni zokuxhumana: “Yaze yabuhlungu into ohhhh!!! Jehovah uthwale lomndeni. Aphumule ngokuthula umntwana,” ubhale kanje.

Indoni YamaNjinji OkaSonkophe Njinjie uthe: “Sibonge ukuthi asheshe abanjwe ngazi sizozifihlaphi izingane zethu kwaze kwanzima ukuba owesifazane ozele,”

“Amaphoyisa aseMpangeni aphenya icala lokubulala olumayelana nokubulawa kwentombazane eneminyaka eyisikhombisa etholakale eshonile ngaphansi kombhede wowesilisa ngomhlaka July 30 esigodini sakwaDumisani Makhaye. Sekuboshwe umsolwa oneminyaka engu-33 ngezinsolo zokubulala nokuthumba. Uzovela enkantolo iNgwelezane Magistrate kusasa ngomhlaka 1 August,” kusho okhulumela amaphoyisa e-KZN uColonel Robert Netshiunda

Related Articles

Back to top button