Ezokungcebeleka

UMcG uzicelela ukuboshwa uNkosazana Daughter

UMETHULI wePodcast uMacG usephosele inselelo umculi uNkosazana Daughter ukuthi akambophe uma eqhubeka nokuphika ukuthi unengane noMaster KG onguphrojusa wakhe.

UMacG, odume ngokungakwazi ukufihla imizwa yakhe nokuneka izindaba zabantu kule podcast, wasusa umsindo ngokuveza ukuthi uMaster KG unguyise wengane kaNkosazana Daughter.

Abaningi babekholwa wukuthi ubaba wengane uSir Trill.

Kwi video entaza ku-X obudume ngokuthi uTwitter uMacG ukuphindile akusho ekuqaleni ethi uMaster KG uzalise lo mculi.

Uqhube wathi akanankinga noma ngabe ubizelwa enkantolo, uyofika ayiphinde le nkulumo yakhe.

“Okungixakayo ukuthi kungani enza sengathi uyasukelwa. Le nto ilula. Uma ngiqamba amanga, kungani engangibophi? Mina anginankinga uma engangibopha ngoba wonke umuntu uyoyithola impendulo yokuthi ngempela ubani uyise wengane” usho kanje.

UNkosazana Daughter usenxuse lo msakazi ukuthi ayeke ukudicilela isithunzi sakhe futhi aphume aphele ezindabeni zakhe zangasese.

Zisanda kusabalala lezi ndaba uNkosazana Daughter wacashunwa ethi: “Njengoba ngangishilo ekuqaleni mina no Master KG siyasebenzisana nje kwaphela. Iyahlupha le nto yokuthi kunabantu abafuna kwenzeke ngendlela abacabanga ngayo.”

Waqhuba wathi ubona ukuthi uMacG ufafaza amanga ngoba enzela ukuthi iPodcast yakhe ibukwe kakhulu ukuze ezokwenza imali.

Wathi iyamkhathaza le nto yokuthi amaciko esifazane abukelwe phansi, acatshangelwe zonke izinto ezingasile.

“Kuyishwa nje ukuthi awuwazi umfutho esiwufakayo emsebenzini yethu esithe. Manje ngoba ngingumuntu wesifazane ubona ukuthi ngilala naye. Iyanyanyisa le nto yakho. Sinemindeni nayo eyibukelayo yonke le nto eniyishoyo ngathi.”

 

Related Articles

Back to top button