UMnyango nombiko oshaqisayo ngoluka Miss S.A
Phila Luthuli
KWENZIWA ubugebengu kubhaliswa uChidimma Adetshina (23) eMnyangweni wezaseKhaya.
Nokho, uChidimma akazange abe yingxenye yalobu bugebengu okusolwa nonina kubona ngoba wayesengu takalani ngo-2001.
Lawa ngamagama abhalwe uMnyango esitatimendeni lapho uthe ubucelwe abahleli bomcimbi namathintekayo kulolu daba ukuthi abenze uphenyo.
“Emuva kokuthola izikhalo sikhiphe lonke ithuluzi esinalo ukuzama ukuthola umnyombo. Sipequlule nemiqingo ekade yahlala, savakashela nasezibhedlela nasezindaweni ezithile ukuzama ukuqoqa ubufakazi. Ngesikhathi kwenzeka lobu bugebengu kwahlukumezeka umama waseNingizimu Africa owantshontshelwa umazisi njengoba engabange esakwazi ukubhalisa owakhe umntwana,” kusho isitatimende.
Kuphuma lesi sitatimende nje iNingizimu Africa ihlukene phakathi ngodaba luka Chidemme ongenele uMiss South Africa ekubeni engadabuki kuleli.
Kuvela lezi zindaba nje uNgqongqoshe weZemidlalo namaCiko uGayton McKenzie ungene ngomkhono nesphanga efuna kuphenywe ibheshu.
Umsindo usuke emasontweni adlule ezinkundleni zokuxhumana kuvela ukuthi le ntokazi, esingene kuTop 10, ingeyase Nigeria.
Ngaleyo ndlela iphula umthetho kwazise akufanele ibe yingxenye yalo mncintiswano.
Kubuye kwavela ukuthi u-Adetshina wazalwa eChris Hani Baragwanath Academic Hospital, eSoweto, ezalwa ubaba waseNigerian kumama waseMozambique.
Umsindo ubuye wabhebhetheka ngesikhathi u-Adetshina efaka i-video ekuvele abantu begqoke imibala yaseNigeria bemhalalisela.
Abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana bakhuze bababaza, baze banxusa uMcKenzie ukuthi angenelele kulolu daba.
Nebala akacushwanga uMcKenzie naye oveze ukushaya amakhala ukuthi le ntokazi ingavunyelwa ukuncintisana nezinye.
“Ngisanda kubuya eParis kuma-Olympics kanti ngifuna ukuqinisekisa ukuthi ngizophenya kabanzi. Eqinisweni angeke sikwazi ukuthi sibe nabantu baseNigeria bencintisana kuma-Miss SA wethu,” uMcKenzie wabhala kanje ku-X