Ezokungcebeleka

Umculi ongaqashiwe kwiMpucuzeko usabise ngokungena ngo “dli” estage

Liyah Mseleku

UMCULI kaMaskandi uMxolisi “Nyonemhlophe” Jali usesabise ngokugibela estage kudlala uMbuzeni Mkhize afike amhlwithe isigingci.

Uthi uyazi ukuthi uMcineka akamqashile kwiMpucuzeko Maskandi Festival kodwa abantu bengathuki.

“Angiqashiwe impela kwiMpucuzeko kodwa kunganethusi manibona uNyoni egibela estage kudlala uMbuzeni afike ahlwithe isgingci uMbuzeni abuyele kuBass guitar ngeke ngizwe ngoMcineka,” phakathi kokunye akushilo ezinkundleni zokuxhumana.

Usho kanje uNyonemhlophe kuqhathwe uMbuzeni noSenzo “UMuntuyenziwa” Khanyile othwathwa njengontanga wakhe.

Bese kuthi uThwasalekhansela amaqhuthane amakhizane  neNkosiyamagcokama.

La maciko atonyulwe kwamaningi ukuthi kube yiwo adlala bukhoma ngokukhethekile.

Nomakunjalo, kubhekwe kakhulu impi yesigingci phakathi kwaMbuzeni noMuntuyenziwa.

EKhuluma nePurpose uMbuzeni mayelana nezinsongo zikaNyonemhlophe uthe akalinde.

“Akalinde naye uma engena kuyoba sengathi siyamhlanganyela, elakhe ithuba liyeza. Uma esisibayeni esisodwa nathi kuyofana nokuthi simthwesa iziqu sithi useyinkinga kanti cha,”

Ebuzwa ngembangi yakhe uMbuzeni uphawule wathi kuyolahleka irizzla.

UMuntuyenziwa uyaziwa ukuthi uyazibhemela ugwayi weSintu insangu.

Ucashunwe kweminye imithombo yabezindaba ethi kuningi okusamelwe kufundwe uMbuzeni ekudlalweni kwesigingci.

Nangele kwalokho lama ciko aseke angcofana ngaphambili athembisana ukuthi la eyohlangana khona kuyonqamuka izintambo zesigingci.

Lo mcimbi uhlelelwe ukuthi ube sePeople’s Park eThekwini ngomhla ka-17 Agasti.

Related Articles

Back to top button