Imsila ingaphansi kosaziwayo abebeseqhulwini kwelika Miss SA
Liyah Mseleku
ISIKHUNI sibuye ngomkhwezeli kumashoshozela abelwelwa Chidimma Adetshina ukuthi aqhubeke emncintiswaneni wazime uMiss S.A 2024.
Phakathi kosaziwayo abebekhuluma baze bakhihlize amagwebu kubalwa uLerato Kganyago noDJ Sbu nokho asebexolisile.
Sekuwumlando ukuthi indaba yaChidimma ibe ngundabamlonyeni abantu bethi akufanele ukungenela uzime wakuleli ngoba uyise owase Nigeria unina uvela eMozambique.
“Ebengikwenza bengikwenza egameni lokumela omunye umuntu wesifazane omnyama. Ngiyaxolisa kulabo abathintekile esenzweni sami,” usho kanje uLerato.
NoDJ Sbu uthe uyaxolisa ukuthi kukhona abantu abacasulile ngesikhathi ezwakalisa ukweseka uChidimma.
“Ngiyaxolisa kubantu baseNingizimu Africa, ngihlezi ngiseqhulwini ukweseka intsha ekufezekiseni amaphupho wayo. Uma kunomthetho owaphulwayo asiyekele abomthetho badlale indima yabo. Ngixolisa kakhulu kulabo abathintekile,” usho kanje.
Kwenzeka lokhu nje uChidimma ukhiphe isitatimende ngoLwesine emini ehoxa kulo mmcintiswano.
“Ngibonga kakhulu kubo bonke abantu abengesekile ohambweni, kodwa ngibona kuncono manje ngihoxe ngifisela bonke abangenele inhlanhla,” usho kanje phakathi kokunye.
Abaningi babonga uNgqongqoshe omusha wezamaCiko namaSiko uGayton McKenzie okunguye ofake ingcindezi enkulu ukuthi kuphenywe ibheshu.
Nebala uMnyango wezaseKhaya ukhiphe isitatimende ngoLwesithathu uthi kwenziwa ubugebengu kubhaliswa uChidimma eMnyangweni wezaseKhaya.
“Emuva kokuthola izikhalo sikhiphe lonke ithuluzi esinalo ukuzama ukuthola umnyombo. Sipequlule nemiqingo ekade yahlala, savakashela nasezibhedlela nasezindaweni ezithile ukuzama ukuqoqa ubufakazi. Ngesikhathi kwenzeka lobu bugebengu kwahlukumezeka umama waseNingizimu Africa owantshontshelwa umazisi njengoba engabange esakwazi ukubhalisa owakhe umntwana,” kusho isitatimende.