Kubulawe owayedlala kuBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba
SEKUNGQOKOZWE kwabulawa ngoyaca lwezinhlamvu uLebogang Morula.
UMorula wayengumdlali kwiBafana Bafana eNdebeni yoMhlaba ka-1998 eFrance elibamba esiswini.
UMorula wayelibamba esiswini kuvela ukuthi udutshulwe esangweni ekhaya kubo eMmakau eNorth West ngoLwesithathu ebusuku.
Isizathu salesi sigameko esishaqisayo besingakaziwa. Unina wakhe, u-Elizabeth Morula uthi ufuna labo abenze lokhu baboshwe.
UMorula, oshone eneminyaka engu-57. Waqala ibhola elikhokhelayo kwiJomo Cosmos ngaphambi kokudlulela eColombia naseTurkey.
Ngemuva kokuyeka ibhola elikhokhelayo, kuzwakala ukuthi uMorula wangena ebugebengwini njengoba ake waboshelwa ukubamba inkunzi.
Ilunga leNorth West Masters Association uDavid Makgale owake wadlalela iBlack Leopard ne-Orlando Pirates ucashunwe kwiKick Off ethi umufi udutshulwe ngezikhathi zakusihlwa 19h30.
Udutshulwe amahlandla amahlanu izinhlamvu zilimaze neveni abehamba ngayo. Ngesikhathi ehlaselwa ubevala isango eyothenga ikhadi likagesi. Kwenzeka lesi sigameko nje ubesehlala nonina eMmakau. Silahlekelwe iqhawe uye kuphela odabuka eBrits owadlala kwiWord Cup, eFrance ngo-1998.