
Umculi kaMaskandi ubuyisele izinduku zishisa kowoKhozi FM
Bahle Mkhize
UMCULI kaMaskandi osematheni kulezi zinsuku uZanefa Ngidi, ngenxa yenkulumo yakhe abaningi abayizwa inganambitheki, usebuyisele izinduku zishisa kumsakazi woKhozi FM uTshatha Ngobe.
UZanefa ugxeke abahleli bemicimbi ngokuqashwa komculi ophila nokukhubazeka uMayoghurt waseMzimkhulu.
UZanefa Ngidi odabuka KwaMaphumulo, uhlasele lo mculi kungazelele muntu.
UZanefa ulibeke ngesihloko elithi abahleli bemicimbi yomculo, baqasha isidalwa esihlulwa wukucula, kuyekwa bona abanengoma enkulu, ethandwa ngabantu.
“Abahleli bemicimbi bathi imali iphelile uma bengivalela emicimbini yabo, ekubeni abantu bewuthanda umculo wami. Imali kayipheli uma bemdabukela yena ngoba ekhubazekile. Kubuhlungu ukuthi kasiwatholi amathuba okujabulisa abantu ekubeni besithanda,” kusho uZanefa.
Kulapho-ke kubonakale ukuphawula kwaTshatha ezinkundleni zokuxhumana egadla kuZanefa.
“Akahloniphi lo mjita, ukhulumisa okwesiphukuphuku nje ebe emdala, lo osinekayo ke unginyanyisa kakhulu ngoba angazi ukuthi yini nje le ehlekisayo lapha. Nina niyeyisa nje umthetho wenu,” usho kanje.
Ebuzwa uZanefa ngenkulumo kaTshatha ngabe Real TV 1 uthe : “Into engicasulile nje okokuqala kuyena ukuthi ingoma yami uyayikhohlwa. Njengamanje kunengoma okudume ukuthi ngiyintshontshe kuMthandeni. Ayikaze idlalwe oKhozini leyo ngoma. Yenza kahle ezinkundleni zokuxhumana iko-200 nento. Shuthi akayazi yena leyo ngoma. Kodwa uyakwazi ukubona uma ngikhuluma into engekho yinhle. Leyo yinto iwumbhedo, iyangicasula eyenziwa ubhuti Tshatha okusho ukuthi akangifuni ngempela. Bonke labo skhathaleni abangangifuni ngithi fok&+#(#,” usho kanje edinwe egane unwabu.