Izindaba

Ukhala nezinyoni oqolwe yisoka imali engu-R2 million

Bahle Mkhize

Ukhala nezinyoni owesifazane ongene ogibeni olugcine limshiya engasazi ukuthi uzothi webani kusabele bani.

AmaHawks aphansi phezulu abheka umkhondo wabasolwa abathathu ongahaholela ekuboshweni kowesilisa oqole isingqandamathe sakhe isamba semali engango-2 million.

Ngokwesitatimende lo wesifazane wahlangana nowesilisa ngo-August 2025 wazichaza ngo-Emmanuel Jackson Kigezi edolobheni iKlerksdorp, wabeka amagama amabili amathathu.

Akuphelanga sikhathi esingakanani wathola ucu baqala umjolo.

Kuthe kusemnandi emjolweni lo wesilisa waxoxela lo wesifazane ukuthi ushiyelwe wuyise emhlabeni ifa lemali engango-R14 million.

Kodwa ukuze iphume leyo mali kudingeka imali okungenani engango-R1.2 million bese bephila butebhu.

Nangempela owesifazane walutheka wasula emsebenzini wathola imali yempesheni engu-R2.5 million.

Akabange esapholisa maseko wayithumela kuma bank accounts ayenikwe wona yileli soka.

Kwaba ukuyika nje imali wanyamalala u-Emmanuel, akaphindanga wabona kuze kube yimanje.

Kuthiwa lamadoda amathathu ayafuneka ukuze asize amaphoyisa kuleli cala.

Akuveli nokho ukuthi laba besilisa abakuleli noma ngaphandle futhi akuchazwanga ukuthi umgilwa wayesebenza kuphi enza msebenzi muni.

Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nala madoda ukuthi athinte umseshi uLieutenant Colonel Motsamai Mthombeni, ku-071 481 3390 noma bazifihle amagama babike kuWhatsApp kwi-App MySAPSApp noma bashayle inombolo 08600 10111.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button