Izindaba

Limshonele owabamba inkunzi ehlomile owesifazane we-hailing

Liyakhiza Mseleku

Kungenzeka ukuthi ubesezitshela ukuthi akasekho omlandelayo umsolwa owabamba inkunzi owesifazane emkhombe ngesibhamu.

Umgilwa wayeshayela imoto ekhokhelwa ngebanga, e-hailing, kanti akabuzanga elangeni.

Lesi sigameko senzeka eMamelodi, eNemapius, cishe ngaphezudlwana kwenyanga.

Sikhuluma nje uboshiwe umsolwa uqhuqwha amakhaza esitokisini.

Ngesikhathi enza lobu bugebengu  umsolwa ovela nesinye izigelekeqe esihlezi ngemuva emotweni babecele ukulandwa (request).

Ngokusho kwakhe lo msolwa ohlezi phambili ngesikhathi ekhuluma eqoshwa ivideo engazelele wayethi kuzoqhamuka umshayeli wesilisa.

Yize kunjalo umgilwa wesifazane waphoqwa ukubanikeza imali waze wavula i-App yasebhange kunakhalekhukhwini wakhipha yonke imali eyenayo.

Abantu abaningi ababuka le video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana babonga isibindi sowesifazane ongazange akhombise ukuthuka waze wabiza lo msolwa ngamagama okubizana ngawo abantu abathandanayo ezincengela.

Abaphenyi bangasese iTshenolo yiyo ebimlandela lo msolwa njengoba igcine ikwazile ukumbopha.

“Besimatasa ngendlela yokuthi sigcine silibele ukusho ukuthi umsolwa ukudla kwakhe kokugcina kube ubhontshisi nesinkwa emaphoyiseni aseSilverton,” kusho iTshenolo izwakala ukuthi izishaya isifuba nokubamba lo galakajana.

Kulindeleke ukuthi avele enkontolo noma yinini njengoba kungakapheli ngisho amahora angu-24 eboshiwe.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button