Ezokungcebeleka

Ubopha iphephandaba ngodaba lweHIV

Mleven kaZikiza

LISENKINGENI iphephandaba laseGoli elidume ngokubika izindaba ezingezinhle zosaziwayo njengoba lifakwe enkantolo umlingisi onohlonze uSello Maake ka Ncube.

USello usematheni kulezi zinsuku njengoba exabene nonkosikazi wakhe uPearl Mbewe, asebejahane bayovulelana amacala emaphoyiseni.

Odabeni lwakamuva iSunday World, ephuma njalo ngeSonto, ibike ukuthi uPearl wakhala ngokuthi uSello impilo yakhe uyibeke engcupheni yokusuleleka ngegciwane lengculazi.

UPearl ucashunwe ethi lokhu kwenzeka ngesikhathi bezama ukuthola ingane.

Kuthiwa laba bese bezame kaningi ukwakha umntwana kodwa kungalungi banquma ukuya kudokotela oyi-gynacologist owaphakamisa ukuthi abahlolwe bobabili ukuze kubonakale ukuthi yini imbangela yokuhluleka kwabo ukuthola izingane.

Ukuhlola kwabo kuhlanganisa ukuhlolelwa negciwane le-HIV.

Yilapho okuthiwa kuvele khona okuthi lo mlingisi unaso isifo kodwa umkakhe akanaso.

Ezinkundleni zokuxhumana kunamekwe incwadi yabammeli balo mlingisi owazakhela igama edlala indawo ka-Archie Moroka kwiGenerations yakudala.

Abameli bakhe okungoMorathi & Moraki Attorneys bathumele umhleli obambile wephephandaba iSunday World uMnuz Ngwako Malatji ukuba bahoxise lolu daba kuzo zonke izinkundla zabo zokushicilela futhi balungise amanga abalwe esigabeni sesibili sodaba abalushicilelile.

Laba banqunyelwe umhla ka-15 kwephezulu ukuthi benze njalo, uma behluleka bazobhekana nengalo yomthetho.

ISunday World ijwayele ukubika ngengxabano phakathi kwalezi zithandani njengoba kwaba iyona eyaveza ukuthi uSello washaya uPearl egunjini lokulala kade behambele iGrahamstown Festival e-Eastern Cape.

Related Articles

Back to top button