U-DJ Tira ozogeqa amagula ohlelweni kwi-Channel O
Mleven kaZikiza
ISILOMO sika-DJ Tira sithi sesimagange ukuzikhininda zonke ezivamise ukukhulunywa ngaye ohlelweni lwakhe oluzobukwa kuChannel O olwethulwe ngempelasonto.
Lolu hlelo olubizwa ngokuthi i- Afrotainment iSgubhu Sase Dubane lukhuluma ngempilo yalo DJ obuye abe ngusomabhizinisi osezenzele igama kule ndima.
Kulo luhlelo oluzophuma ama episodes amathathu kuzobonakala kukhuluma umama wakhe, unkosikazi wakhe uGugu Khathi, abaculi abakhiqizile abanjengoDladla Mshunqisi, Danger, nomngani wakhe weminyaka uDJ Fresh nabanye.
U-DJ Tira, ogama lakhe langempela uMthokozi odabuka eHluhluwe, uthe unesikhathi elobizela ukuxoxela abalandeli bakhe ngempilo yakhe.
Uthe uzosebenzisa leli thuba lokuqondisa izinkulumo ngezinto eziningi ezingezinhle esekukhulunywe ngaye ezinkundleni zokuxhumana.
“Bekuyiphupho lami leminyaka ukuthola ithuba lokuvezela abantu ngempilo yami kulolu hambo ukuze ngigqugquzele nabanye. Abantu lapha bazobona umsebenzi omuhle esiwenzayo e-Afrotainment, ukuthi sisukaphi futhi siphokophelephi. Mayelana nomsindo nezindaba ezibhedayo engivamise ukumataniswa nazo, ngizokhuluma ngazo ngokungesabi ukuze abantu basale neqiniso.
Sekuphele iminyaka engu-24 lo DJ eyibambile kulo mkhakha kaqedisizungu. Wafika eThekwini ezoqhuba izifundo esikhungweni esiphakeme wafika wangenwa uthando lomculo afika wadlondlobala kuwo.
Uvale ngokuthi agabise ukuthi kungenzeka nomndeni wakhe ube nohlelo oluzoboniswa kumabonwakude kodwa izingxoxo azikaphothulwa nalabo asebemthintile.