Abakwa RAF bavala ompompi kwabaziphonsa ezimotweni
Sane Mseleku
BAKHIPHE isixwayiso abakwa Road Accident Fund (RAF) sokuthi laba abaziphosa ezimotweni ngeke banxephezelwe.
Bathi sebenze ucwaningo olunzulu noluveza ukuthi abantu sebevele baziphose ezimotweni ngoba befuna ukunxephezelwa ngemali yakwaRAF.
Bathathe isinqumo sokuthi ngaphambi kokuba umuntu anxephezelwe kuzobhekwa imbangela yengozi, ukuthi abuzange kube khona yini ubudedengu.
Kusukela ngo-2021 kuya ku-2024 sekunqatshwe izicelo ezingaphezulu kuka-49.000 ngenxa yobudedengu nokufuna ukuceba.
Abantu abasukela kwiminyaka engu-15 kuya ku-34 kutholakale ukuthi bazilimaze ngenhloso.
Abashayeli sebebike kakhulu ngalezi zigameko ezenzeka kubona abantu behlohlana ngokuziphosa ezimotweni.
“Kukhona ngisho amavideo afakazela lokhu. Uma bebuzwa bathi bafuna ukuceba, okuyinto engaphusile ngoba ungaba nebhadi ulimale kabi ukhubazeke noma ulahlekelwe impilo yakho,” kusho uMcIntosh Polela okhulumela abakwa RAF.
“Kunabantu abaziphosa ezimotweni okubeka umshayeli engcupheni noma abanye abantu emphakathini. Uma kuba khona isehlakalo esifana naleso umshayeli nabomphakathi abalimalile bazonxephezelwa ngoba akulona iphutha labo.
“Mesekuthi lo ozilimaze ngenhloso anganxephezelwa, ngebhadi uma elimale kakhulu uzodinga izimali ezishisiwe ukuthi azilaphe futhi azinakekele uma elimale kabi kodwa ngebhadi angeke sikwazi ukumnxephezela, uzobe eseba umthwalo womndeni wakhe,” kuqhuba uPolela.
Abalimale ngokungenhloso bazothola isinxephezelo esibafanele mesekuthi abashonile ngengozi kuzonxephezelwa abomndeni wakhe.
UPolela uphinde wanxenxa abantu ukuthi bashayele ngokucophelela emgwaqeni nabahamba ngezinyawo baqaphele kulamaholidi. Bagweme ukushayela bedle amponjwana noma ukuhamba emgwaqeni bedakiwe.
Akungathi ukujabula kwakho kuphenduke ukufa kwakho.