
Kumenyezelwe abanohlonze kwi-Ugu Jazz Festival 2026
Sindiswa Nxumalo
Umcimbi ovamise ukuba minyaka yonke Ugu Jazz Festival kulindeleke ukuthi ubuye ngegiya eliphezulu kulokhu.
Sekumenyezelwe abaculi nosomahlaya abazobe yingxenye yomgubho wezinsuku ezintathu ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal.
Lo mcimbi uhlelwe Ugu District Municipality ngokubambisana ne-Coolsounds Trading eholwa uSiyabonga Msomi, futhi uzobanjelwa e-Ugu Sports and Leisure Centre kusukela mhla ka-25 kuya-27 kuMay.
Imicimbi izoqala nge-Offramp Experience Gala Dinner in Comedy lapho kuzobe kunomculo namahlaya.
Kuzocula uMondli Ngcobo, Zawadi Yamungu kanye nosomahlaya okubalwa kubo uSimphiwe Shembe noSimunye Churchboy.
I-Worship Experience izohlanganisa abaculi beGospel okubalwa uNontokozo Mkhize noMpumi Mtsweni ngaphambi komcimbi omkhulu we-Jazz mhla zingu-27 kuMay ngaphansi kwetende elikhulu.
Abaculi abazobe bekhona kubalwa uDon Laka, uMnqobi Yazo, uNaledi Aphiwe no-Mawelele.
UMsomi uthe lo mcimbi uhlose ukugubha amasiko, ukukhulisa ezokuvakasha nokudala amathuba amabhizinisi endawo.
Amathikithi ayatholakala eSpar, Pick n’ Pay, Boxer naseTicketpro kusukela ku-R200.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



