
Usematheni uMnyango ngabokufika abangu-457 ‘abanezimvumo’
Liyakhiza Mseleku
Kubatshazwa iDepartment of Home Affairs eKZN ekuthiwa ikwaze ukuhlonza abantu abavela ngaphandle abangu-457 ukuthi banezimvumo. Kwatholakala ababili kuphela abalapha ngokungemthetho.
Okuthusayo wukuthi lokhu ikwenze ngaphansi kwamahora amabili.
Okuthusa abaningi wukuthi bakwenze lokhu ngaphansi kwamahora amabili. Izakhamuzi zakwaZulu-Natal baseNingizimu Africa yonke jikelele zidinwe ziyaqhuma zithi azingenziwa izilima.
Akukwazi ukuthi abantu abaningi kangaka bangasetshenzwa ngesikhathi esincane kanje. Futhi iningi labo litholakale limsulwa.
Lo Mnyango ususolwe kaningi ngenkohlakalo futhi abanye abasebenzi babo baboshiwe ngakho izenzo zobugebengu.
Kumanje abantu bashiya abangalazi kwiMeya yeTheku uCllr Cyril Xaba nomlingani wakhe kwiDepartment of Home Affairs oyimenenja uMnuz Cyril Mncwabe ngokusenga ezimithiyo kule nzukazikeyi.
“Ngiyakuqinisekisa ukuthi babili abatholakale benamaphepha angakukulungele ukuba babe kuleli,” kuqinisekisa Mncwabe.
UXaba naye ukuqinisekisile lokhu kwimithombo yabezindaba.
Ekhuluma ohlelweni Abasiki Bebunda kuKhozi FM uthe ngebhadi abanye babasebenzi beHome Affairs bayakhokhelwa.
Ngaleyo ndlela bakhipha izimvumo okuba nzima kubona ukuzibona ukuthi zingombombayi noma cha ngoba zifana ncamashi.
Kusuka lolu dungunyane nje abokufika bahambe bayoqhinqa eDiakonia Centre enkabeni yeTheku ebaphoqa ukuba bavikelwe amaphoyisa ngoba bethi bazizwa bengaphephile emphakathini.
Kube sekulandwa amabhasi bayohlonzwa kwaDpt of Home Affairs eKZN. Okuqaphelekile wukuthi abanye babo bebebalekela amaphoyisa nokube nezinsolo zokuthi vele abanamaphepha.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



