Izindaba

Kuboshwe owesifazane obenza izitifiketi zomgunyathi

Sane Mseleku

KUBOSHWE owesifazane obezama ukubhalisa isitifiketi sokufa kwengane yakhe ngomgunyathi.

Lo wesifazane ubanjwe eHome Affairs eMgungundlovu, kwaZulu-Natal. Ubanjwa nje lo msolwa kuthiwa ubezama ukubhalisa isitifiketi sokufa kwengane, kwatholakala nokuthi nalesi sokuzalwa esomgunyathi.

Ngesikhathi ebanjwa ube esezama ukugwazela imenenja ethi uzoyinika imvala mlomo kaR9900 beese eyicazela kwimali yomshwalensi engango R50 000 uma isiphuma.

Nokho akumsizanga konke lokho njengoba exhakathiswe amaphoyisa awushoshapjansi besebenzisana neDepartment Counter Corruption and Security Team.

Ophethe isifunda uCyril Mncwabe uthe ubugebengu obuthi abufane nalobu benzekile ezinyangeni ezedlule.

Khonamanjalo kusanecala elithi alifane naleli, kowayengenele uMiss South Africa uChidimma Adetshina naye kwatholakala ukuthi unina wakhe wantshontsha isitifiketi sokuzalwa senye ingane ngoba efuna ubuzwe bakuleli.

Umama wengane eyantshontshelwa isitifiketi kutholakale kulo nyaka uma ezama ukubhalisa umazisi ukuthi ubani owasintshontsha.

Ubesegqigqe iminyaka engasizakali eHome Affairs. Kwathi ekugcineni udaba lwakhe latholakala umsuka walo.

Umama kaChidimma usanecala elingaka phothulwa, nokwenza ukuthi uChidimma ahoxe emncintiswaneni waMiss South Africa.

Abomthetho banxenxa abantu akuthi basheshe babhalisele izingane zabo isitifiketi nokuthi babike uma belahlekelwe omazisi. Kubongwa nabasebenzi bakaHome Affairs ukusebenza ngokuzikhandla.

Related Articles

Back to top button