Ezemidlalo

Umqeqeshi onendebe eyodwa ucela ukungahlulelwa

Mleven kaZikiza

UMQEQESHI omusha weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso (52) usecele ukuthi engajajwa ngokuthi usakwaze ukunqoba indebe eyodwa selokhu angena emkhakheni wokuqeqesha.

Lo mqeqeshi wasePortugal wethulwe  ngoLwesibili kwabezindaba izikhulu zeSundowns ekomkhulu layo eChloorkop ukuzovala isikhala esivuleke ngokushenxiswa kukaManqoba Mngqithi nephini lakhe uRomain Folz.

Kushiywe uSteve Komphela nomqeqeshi wonozinti uKennedy Mweene abazosebenza nethimba labaqeqeshi abazofika noCardoso.

UCardoso waba nesandla ekukhipheni uSundowns kuma semi finals eCAF Champions League ngesizini edlule ngesikhathi esaqeqesha i-Esperance yaseTunisia.

Ukuqashwa kwakhe iSundowns kwethuse abaningi kwazise usakwaze ukunqoba indebe eyodwa ne-Esperance kanti usehlulwe kumafayinali amaningi.

“Iyangichaza le nkulumo ngoba siphila emhlabeni lapho abantu bekujaja ngokubuka ukuthi usuzuzeni. Kodwa abakukhohlwayo ukubheka ukuthi unqobe kanjani futhi uma wehluliwe uhlulwe ngaphansi kwaziphi izimo. Ngicela abantu bengangijaji nge-CV yami kepha bangijaje ngokuthi sifike kanjani kulawo mafayinali.”

UCardoso uvale ngokuthi uzosiqinisa isandla kubadlali abazophuma eceleni njengojosaka, wathi akazile ukuzonisa amahleza eNingizimu Afrika.

Related Articles

Back to top button