Sebetholakele abasolwa emkhonyovini kaChidimma
INHLOKO ebhekene nokulwa nenkohlakalo eMnyangweni wezaseKhaya kuleli, u-Advocate Constance Moitse utshele izwe ukuthi usetholakele owefazane okwantshontshwa umazisi wakhe ukuze kubhaliswe u-Adetshina Chidimma.
UChidimma intokazi enguzime esuse ukukhuluma ngesikhathi ingenele umncintiswano ka-Miss SA 2024.
Beekukuningi ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana njengoba abantu bakuleli bebengabaza ubuzwe bukaChidimma.
Lokhu kuholele ekutheni abahleli balo mcimbi noNgqongoshe uGayton McKenzie becele uMnyango wezaseKhaya ukuthi wenze uphenyo.
Uphenyo lwesikhashana lo Mnyango weZasekhaya lwathola ukuthi kungenzeka ukuthi kwaba nenkohlakalo ngesikhathi kubhaliswa imininingwane kaChidimma.
Kwatholakala ukuthi umama kaChidimma kungenzeka ukuthi wantshontsha umazisi wowesifazane owayenengane encane ngaleso sikhathi ukuze enzele [uChidimma] isitifiketi sokuzalwa.
NgoLwesibili kuvele ukuthi kunowesifazane ozalwe ngo-1982, owafaka isicelo sikamazisi ngo-1995 ehhovisi lo Mnyango eliseTshwane.
Ngesikhathi eseyowulanda lapho ayewubhalise khona watshelwa abasebenzi kuleli hhovisi ukuthi akayowulanda uGoli, nokuyilapho ayengafakanga khona isicelo.
Kuthe ngo-2001 wabeletha umntwana.
Uthe ezama ukumenzela isitifiketi sokuzalwa watshelwa ukuthi kunengane esiyenzelwe isifiketi sokuzalwa ngemininingwa kamazisi wakhe.
Leyo ngane uChidimma.
UMnyango uthe umvakashele lo mama owantshontshelwa umazisi eTshwane.
Imininingwane ekumazisi wakhe wokuqala iyefana nekamama kaChidimma ekwimiqulu yoMnyango.
UMnyango uthe usubatholile abasebenzi bawo abathathu abathintekayo kule nkohlakalo yokubhaliswa kukaChidimma.
Omunye wabo sewashona kanti ababili basaphenywa.
Umama kaChidimma usenikwe incwadi emazisa ngentshisekelo yokuphenya ngemininingwane yakhe.
“Impendulo yakhe iyona ezocacisa ngesinqumo sokugcina esizothathwa umnyango ngomazisi ongakuyena”, kusho u-Adv. Moitse.
Ngokuchaza koMnyango okwamanje uChidimma ungowaseNingizimu Afrika.
“Kodwa-ke njengoba lo mazisi kusaphenywa ngawo, uma umqondisi omkhulu eMnyangweni egcina ewucisha lo mazisi kuzosho ukuthi ukwenziwa kwesitifiketi sikaChidimma nakhe kwakungekho emthethweni.
Lokho kuchaza ukuthi ubuzwe bakhe buyangabazeka ngokomthetho wezwe”, kusho uMnyango.
“Yena angakwazi ukufaka isicelo sikamazisi ngoba wazalwa kulelizwe”, kuchaza wona uMnyango. Uqhubeka uthe uyamphenya nobaba kaChidimma.