Izindaba

Isidumo uthisha waseNdiya ebiza abazali abamnyama ngezidomu

KUBANJWE umoya eStanger njengoba kungase kuqubuke impi yobuhlanga phakathi kwamaNdiya namaZulu.

Abaphathi besikole samabanga aphansi i-Stanger Manor Primary School bangaphansi kwengcindezi yabazali yokuthi baqale uphenyo ngothisha womdabu waseNdiya okuthiwa uthe abazali abamnyama “bayizidomu”.

IScrolla.Africa ibike ukuthi utshele abafundi baka-Grade 4 ngoLwesibili ukuthi uyabazonda abantu abamnyama.

Ngokusho kwabazali abalusukumele lolu daba, ukuphawula kwakhe kugqugquzelwe abafundi abamnyama abebecela kaningi uthisha ukuthi abavumele baye endlini yangasese ngesikhathi sokufunda.

Kuthiwa uthisha udinwe washo lokhu akushilo kubafundi.

“Ingane yami engumfundi ithe uthisha uthe uyabazonda abantu abamnyama futhi abazali bethu bayizidomu,” kusho omunye umzali etshela intatheli.

Ababazali abebedinwe begane unwabu bahambele esikoleni bezobhikisha ngalesi sigameko okuthiwa senzekile.

Kuze kwalamula uthishanhloko wakhuluma nabazali.

“Sibona sengathi bayazama ukuthi lolu daba lugqitshwe kodwa sifuna kuphenywe ukuze uthisha ajeze ngale nkulumo ecasulayo necwasayo,” kusho omunye umzali.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bazozibhekisisa lezi zinsolo.

“Sizoluphenya lolu daba. Asikubekezeleli neze ukucwasa,” usho kanje.

 

Related Articles

Back to top button