Ezokungcebeleka

Ummese emqamelweni kumlingisi obephela induku

Philasande Luthuli

ZAZILOKHU zikhona izimpawu zokuthi uzohlukumezeka emshadweni uReshoketswe ‘Shoki’ Mmola obedlala indawo ka-Celia Kunutu kwiSkeem Saam kodwa uthi wakuziba lokho.

UShoki ubeshade noSello Sebotsane naye ongumlingisi.

Ekhuluma ohlelweni lwe-Podcast ka-David Mashabela, i-King David Studios uShoki uthe ubeke axolisele ngisho izinto angazenzanga.

Uthe esakhula yena ubezazi izinto azifunayo, ubazi ukuthi akathandi ukuba nezingane engashadile ngakho noma ubani onenhloso yokuthi abe umkakhe kuyomele ahambisane nalokho futhi uyomthanda lowo muntu ngenhliziyo yakhe yonke.

“Ukungakhuliswa umndeni ongizalayo kwenza konke lokhu engangikufisa kwangenzeka. Ngeke ngisho ukuthi ukungena kwami kulolu thando kwakumayelana nothando kodwa kwakuwuhlelo nje lokuthi kube nekhaya, ngangenzela izingane zami nekusasa lami,” kuchaza uShoki.

Eqhuba uthe ngokwakhe uyazi ukuthi kwakumele aphume kulowa mshado kodwa wakhetha ukuhlala.

Nokho uthi kwamsiza khona ukuhlala kuwo ngoba abantwana bakhe bakwazi ukubona okwakwenzeka, akudingi ukuthi kube khona abachazela khona.

“Ngangihlezi ukuze kubukeke kukuhle, ngangingenzeli okunye okukhulu. Ayikho into ongathi uyichazela amantombazane angayazi, aze akhumbule ngisho izinto kwamina engingazikhumbuli.

“Kuyayikhathaza inhliziyo yami kodwa okungenani bayaqonda ukuthi kwenzakalani”, kuphetha yena.

UShoki nobengumyeni wakhe bebephila impilo yokufakana ezinkantolo ngakho ukuthi ikhaya labo bese liphenduke inkundla yezempi, uShoki ephila ngokushawa.

Okuningi kwenzeke ngo-2016 sekuphele iminyaka eyishumi (10) beshadile kanti futhi iwo unyaka lona abahlukane ngawo.

Ekhuluma nephephabhuku i-Drum wathi ubeke alale nommese ngaphansi kwesiqamelo ngezinye izinsuku enzela ukuzivikela kulesi sidla mlilo ebesiwumyeni wakhe.

Njengoba esehlukene nomyeni uthe uphila impilo yakhe ngendlela afuna ngayo futhi useze wakuthola ukwelapheka wafunda nokuzithanda.

Uthi uthola intokozo ebantwaneni bakhe abahle, ababili.

“Bengilokhu ngiseduze kakhulu kwezingane zami, ngiyazifundela izincwadi, siyadlala futhi zifuna ngilale phansi njengekati elifile ngiyakwenza lokho. Akukho okutheni okushintshile ngaphandle kokuthi uSello akasekho futhi siphephile,” kusho yena.

UShoki ongowokudabuka eTzaneen, eLimpopo, uke wabonakala edlala indawo kaMfundisi Prudence Molepo ku-eTV, i-Scandal!

 

Related Articles

Back to top button