Usomabhizinisi ujuqwe ngommese inkabi yesoka elishadelwe
Liyah Mseleku
UNGENE esibhedlela kukubi usomabhizinisi wesifazane (38) ogwazwe inkabi yesoka lakhe elishadile.
Lesi sehlakalo senzeke eParkgate, kwaZulu-Natal, ngoLwesibili ebusuku.
Abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA), ithole ucingo sekushaye nehora leshumi ebusuku kuthiwa abaphuthume konakele.
Nebala iRUSA izithele kowesifazane obesebalekele emzini oseduze efuna usizo opha igazi.
Kuthiwa ugwazwa nje uholelwe oPhathe umsolwa obese lugqashukile ucu phakathi kwabo.
Umgilwa utshele onogada ukuthi uhlukane nomsolwa ngoJuni emuva kokuthola ukuthi ushadelwe.
Wabe esemcela ukuthi akabuyise imoto yohlobo VW Polo GTI.
Umgilwa wathenga le moto wayibhalisa ngaphansi kwegama lesoka lakhe kusemnandi.
Lo wesifazane ube esexhumana nommeli emuva kokuthi umsolwa ehoshe izinyawo enqaba nokubuyisa imoto.
Nokho ugcine evuma ukubuyisa imoto, umsolwa uyenge umgilwa ngokuthi uzomtholela umuntu ozosiza ngokushesha ukushintsha amaphepha obunikazi bemoto.
Umgilwa usebenzise enye imoto yakhe iKia Rio besuka eWestville nomsolwa beyoshintsha amaphepha.
Umsolwa umhambise emgwaqeni omnyama ongenagama nokusolise umgilwa.
Nokho bagcina behlangene nomsolwa wesibili obephethe amaphepha ayellow.
Ube esevulela isicabha semoto wangena umgilwa, nalapho ebe eseqala ukumgwaza umzimba wonke.
Ngenhlanhla ukwazile ukuphuma abaleke ngezinyawo umgilwa wahlaba umkhosi ecela usizo.
Abasolwa basagcwele amathafa kumanje.
Kwenzeka lesi sigameko nje iNingizimu Africa igubha inyanga yabantu besifazane.