UNgqongqoshe uvale ‘umpompi’ wamathenda okudla ezikoleni
SESINYUSE amaphaphu isenzo sikaNgqongqoshe wezeMfundo uSiviwe Gwarube omise ithenda leNational School Nutrition Programme (NSNP).
UGwarube umise le thenda ka R9.8billion, ngenxa yezinsolo zokukhwabanisa.
Zingu 9.6 million ebezihlelelwe ukuthi zisizakale.
Kubikwe ukuthi esinye sezizathu esidale uGwarube avale “umpompi” wukuthola ukuthi le thenda iya kumuntu oyedwa.
Kuzokhumbuleka ukuthi iningi lezingane eziqhamuka emakhaya antulayo zithembela kakhulu ekudleni kwasesikoleni.
UGwarube usekwe iDA ngesenzo sakhe sokumisa ithenda yokusabalalisa ngokudla ezikoleni zakuleli.
INSNP ibihlose ukupha abafundi ukudla abangaphezulu kuka-R9.6 million ngosuku, ababheke ukudla kwindawo eyodwa. Nokuba lelithenda seliya ngase maphethelweni, limiswe ngenxa yezimo ezithile.
Abanye babaphathi nabamaqembu aphikisayo kanye nabomthetho, bazwakalisa ukuba novalo ngalesi sinqumo sokumiswa kokudla kwezingane.
UGwarube uthathe lesi sinqumo sokumisa lelithenda ngenxa yezimo nokusolakala ukuthi kunokukhwabanisa kulo. Uphinde waxwayiswa abasiki bebunda ngobugebengu obenzekayo kuleli thenda.
Iqembu leDA limshayele ihlombe uGwarube ngesinqumo sakhe sokungenelela kulo daba.
Ukhe phezulu oyisikhulumi seDA uKarabo Khakhau wathi: ” Noma kungesona isisombululo esanele lesi esenziwe uNgqongqoshe kodwa iqembu leDA liyameseka ngesinqumo sakhe”.