
OweLion King ukhipha amafayela kankosikazi wakhe
USHAYA phansi ngonyawo uLebohang Morake odume ngoLebo M ukuthi unkosikazi wakhe athole ingxenye emafeni njengoba sekunencwadi yesehlukaniso.
ULebo M ongumdidiyeli weLion King nosenqobe indondo yeGrammy usola uPretty Samuels ngokungathembeki ebudlelwaneni.
Umsindo usuke emuva kokuthi uLebo M ehlukene noPretty ngoba ebheke u$10-million (R187-million) ekudayisweni komculo wakhe e-United States of America (US).
“Ucu lagqashuka ngoJulayi 23 ngonyaka odlule ngesikhathi kuvela ukuthi uLebo M uhlela ukudabula incwadi yomshado ngoba engasamethembi unkosikazi wakhe,” kusho owazi kancono izindaba zalaba bobabili.
Uqhuba lomthombo uveze ukuthi uLebo M waphelewa ukumethemba okukhulu mhla ethola ukuthi uqopha izinkulumo zabo ngasese njengabashadikazi engazi.
Ngokubika kweSunday World uPretty ufuna ukondliwa ngo R250 000 njalo ngenyanga njengoba udaba lusenkantolo nezindleko zabammeli ezibalelwa kuR2.5 million.
Abasondelene noPretty bathi uLebo M akafunanga ukuthi unkosikazi wakhe ahlomule ngengxenye yemali ekubeni beshade umshado ohlanganisa amafa. Ngakolunye uhlangothi uLebo M uyakuphika lokho.
ULebo M uveze ukuthi umshado wangaphambilini kaPretty waba yizinyanga eziyisishagalolunye. Okuthusayo ukuthi akaze afune mali ngodli njengoba enza manje kuye.
Uthi wayengeke ashade umshado ohlanganisayo ngoba uPretty unerekhodi lokukhwabanisa imali angaphezulu kwaR2 million kwaNational Films and Video Foundation okuyilapho wayesebenza khona phambilini. Udaba lwaxazulula ukungenelela kwakhe. Lo mshado wabo uhlale isikhathi esingangonyaka nesigamu.
ULebo M ubeseshade amahlandla amahlanu. UPretty akaze atholakale ukuphawula.