Ezokungcebeleka

Kubatshazwa isihluku kubulawa uDJ ePitoli

KUBATSHAZWA unya kudutshulwa kubulawa ngentululwane yezinhlamvu uDJ wasePitoli, uPeter “Mashata” Mabuse ezintatha ngeSonto.

Le nsizwa ihlaselwe abantu abangaziwa ekuseni, yaphelela khona endaweni yesigameko eSoshanguve.

Ngokwemibiko ehlukene, abehambisana naye emotweni ulimalile kanti  uphuthunyiswe esibhedlela.

Imoto okuthiwa ubehamba ngayo uDJ osale imbobombobo kanje 📸:X

Kuvela ukuthi uMashata, ubebuye abe ngusomahlaya, enze nezimemezelo emidlalweni yasekhaya yeMamelodi Sundowns.

Leli qembu lifake ividiyo ekhombisa le nsizwa yenza umsebenzi wayo eLoftus Stadium, yayiphelezela ngombhalo othi, ‘Ulale ngokuthula Mashata’.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Noxolo Kweza, ucashunwe ethi amaphoyisa avule idokodo lokubulala nokuzama ukubulala ngemuva kwesigameko sokudubula esithinta abesilisa ababili abaneminyaka engu-46 no-45.

Kusuka kuvele izindaba zokufa kwakhe, abantu badlulise imiyalezo ehlukene enkundleni yokuxhumana i-X.

Umsakazi weMetro FM, uPaul Mtirara, unxuse bonke oDJ beSoul neR&B, okuwumculo okuthiwa ubudlalwa nguMashata, ukuthi benze umcimbi lapho bezodlala khona mahhala bese imali inikelwa emndenini wakhe.

Ushona nje uMashata ibhola nezokungcebeleka eNingizimu Afrika zigubezelwe yifu elimnyama njengoba zanda izigameko zokubulawa kwabo. Isigameko sakamuva nje ukubulawa komdlali weKaizer Chiefs uLuke Fluers.

UFleurs wadutshulwa ngesikhathi edunwa imoto yakhe eFlorida, eRoodepoort emasontweni amabili edlule.

Lo mdlali wasemuva obeneminyaka engu-24 ungcwatshwe ngoMgqibelo ngakubo eKapa.

 

 

Related Articles

Back to top button