Ezemidlalo

IKaizer Chiefs ithole induku okwesithathu

IKaizer Chiefs iphinde yathola induku okwesithathu kulandelana ngesikhathi ishaywa yiRichards Bay FC ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, eKing Zwelithini Stadium, ngeSonto.

“Sonke kumele sifake isandla kube khona esikwenzayo ngesimo seqembu,” kusho uJohnson ngemuva komdlalo.

“Ngokomdlalo konke sinakho kodwa asikwazi ukubeka ibhola enethini. Silahle amathuba amaningi kakhulu.

“Kumele siphinde emuva siyozama futhi, silungise indaba yokubeka ibhola enethini.”

Yize zingamhambeli kahle izinto uCavin Johnson kodwa uyakugwema ukugxeka abadlali.

Kulo mdlalo unozinti weBay, uSalim Magoola, uqokwe njengoshaye into ecokeme.

“Mhlawumbe umdlalo wesithathu lo unozinti eba umdlali ovelele eqenjini elisuke libhekene nathi. Kumele sikubukisise lokho.”

Njengenjwayelo iChiefs iwuqale ngomfutho omkhulu umdlalo kodwa yangakusebenzisa lokho.

Ukuhluleka ukusebenzisa ukuthi ibiwuphethe iChiefs kugcine kuyifaka enkingeni, kwenza iRichards Bay yabuyela emdlalweni.

Ngomzuzu ka-64 ukaputeni weNatal Rich Boyz, uSiphiwe Mcineka, ushaye igoli lahamba phambili iqembu lasekhaya.

Lokhu kwenze ingcindezi yabuyela kwiChiefs ngoba emidlalweni eminingi edlule ihlulekile ukubuya seyilandela ngemuva.

Ishaywe yiStellenbosch FC ngo 1-0, yase iphinda ithola isibhaxu sika 2-0 kwiChippa United.

Ukushaywa kweChiefs kuyenza ihlale endaweni yeshumi kwilogi yeDStv Premiership.

Lokhu kuyibeka engcupheni yokuqeda isizini ngaphandle kweTop 8 okwesithathu emlandweni wayo.

Emidlalweni emine edlule Amakhosi asakwaze ukuthola iphuzu elilodwa kuphela, nokuwumgqigqo omubi kakhulu. Isawine umdlalo wamunye kuphela kwengu-13 eyidlalile.

Ngasohlangothini lweBay ukuwina kwenze ukuthi kuvuleke igebe lamaphuzu ayisishiyagalombili phakathi kwayo neCape Town Spurs. Nokho yona isayibambe emsileni kwilogi yeDStv Premiership.

Impempe

 

Related Articles

Back to top button