Ezemidlalo

Kushode ozogadla abadlali beKaizer Chiefs bexabana bodwa

Kusuke ‘impi’ ezindlini zokushintshela zeKaizer Chiefs, abadlali bexabana kulandela ukwehlulwa kwabo yoRichards Bay ngempelasonto.

Lokhu kuqinisekiswe wumqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson otshele abezindaba ukuthi kuphakame imimoya kubadlali bakhe.

Lokhu kushaywa kweChiefs bese kungokwesithathu kulandelana kanti kuyishiye ime endaweni yeshumi kuligi kule sizini.

Emidlalweni eyishumi edlule Amakhosi asanqobe owodwa nje vo, ashaya amagoli amane kuphela.

UJohnson uveze ukuthi ukuphatheka kabi kudalwa wukugeja kwaleli qembu amathuba.

Ukwehluleka ukuwola amaphuzu kwiRichards Bay evika izembe nakho kwenze abadlali basolana bodwa.

Ingxoxo beyishubile egunjini lokushintshela ngemuva komdlalo, ngokusho kwalo mqeqeshi obambile.

“Kube ngomunye waleyo midlalo lapho iqembu ebesibhekene nalo lithole ithuba elilodwa lalisebenzisa.

“Yithina ebesiphethe umdlalo cishe u-85%, kodwa asikwazanga ukunqoba umdlalo,” usho kanje uJohnson kwabezindaba.

“Yebo, sizithukuthelele kakhulu kodwa ngesikhathi esifanayo bengicabanga ukuthi bekufanele siwunqobe umdlalo ngesiwombe sokuqala.

“Bekungumehluko omncane esiwombeni sesibili. Kodwa kwesokuqala besenza kahle.

“Singene ebhokisini izikhathi ezimbalwa futhi bekufanele ngabe sikwazile ukushaya amagoli ambalwa, kodwa bekungadaliwe namuhla.

“Ngingakutshela ukuthi abadlali bami ngibashiye bexabana bodwa egunjini lokushintshela.

“Lokhu kungenxa yokuthi kunezinto esaziyo ukuthi bekufanele sibe ngcono kuzo kodwa bekungenjalo namuhla.

“Ngicabanga ukuthi njengoba sikhuluma manje kubukeka sengathi iRichards Bay isiyinqobile impi yokuhlala kule ligi futhi siyifisela inhlanhla.

“Kufanele sibuyele emuva, futhi kufanele siqale kabusha yize sisalelwe yimidlalo eyisithupha manje.

“Izinto kumele zijike ngandlela thile kwiKaizer Chiefs, kufanele sibe ngcono phambi kwepali.”

Emdlalweni olandelayo, Amakhosi azobhekana neSuperSport United nayo ezixhugelayo ngoMgqibelo.

Impempe

Related Articles

Back to top button