Owayesolwa umsakazi ngokumdlwengula uselobolile
UMLINGISI uKhumbulani Kay Sibiya, oselingise emidlalweni eminingi okugqame kuyo Imbewu neGenerations ulobole umama wengane yakhe uJudie Kama.
USibiya ukwenze lokhu cishe emva kweminyaka eyisikhombisa bethandana.
UKama umemezele kwizinkundla ngoLwesibili ukuthi uSibiya kade ekhokha amalobolo ngempelasonto wanameka nezithombe zabo bejabulile.
Lezi zithandani meziba nezinkinga ebudlelwaneni babo. Bathandane bahlukane, ngenxa yezihibe bakhipha istatimende ngonyaka ka2020 ukuthi bahlukane.
Ngonyaka ka-2023 ngesikhathi bebungaza iminyaka eyisithupha bazana, uKama ubhale ku-Instagram wakhe encoma uSibiya ukuthi indoda emfanele.
“Namhlanje cishe ngalezikhathi, ngangilungela ukuya emcimbini, kanti lolusuku luzoba olukhethekile empilweni yami,” kusho uKama.
“Namhlanje usuku engaqala ukwazana nowenhliziyo yami, namhlanje sigubha iminyaka eyisithupha sazana, iminyaka eyisithupha sindawonye.
“Kuningi okwenzekile kule minyaka, lalela, ngingakwenza futhi ngokuphindelela nangempilo ezayo.
“Uyahlonipha, ubeka abanye abantu phambili, uyamesaba uNkulunkulu futhi uyindoda enothando.
“Kwesinye isikhathi ngiyazibuza ukuthi wenza ngani? Ungimela kanjani zonke izinsuku? Yoh, zonke izinsuku. Ngiyabonga sthandwa. Ngiyakuthanda, mihla yonke.”
Khonamanjalo omunye umama wengane kaSibiya, uZukiswa Zookey Zarling Vuthela owayengumsakazi weGagasi FM watshela abezindaba ukuthi umdlengulile wamlimaza uSibiya.
Waqhuba wabika ukuthi uSibiya wamkhulelisa kodwa uyaphika ukuthi ingane eyakhe.
UVuthela wabhala kanje: “Lolu udaba lwami futhi iqiniso mayelana nendodakazi yami uZia-Mia, ukuthi ngadlwengulwa wabe eseyaqhamuka. Wangidakisa, ngaphaphama nekhondomu esephelelwe isikhathi ngaphakathi kumina.
“Manje angisanandaba noma bangazama ukungibulala ngokuxoxa udaba lwami, abafundisi nabashushumbisi bezidakamizwa. Namhlanje ngokusho konke kunzima kunjalo ngo Khumbulani Kay Sibiya.”
USibiya wathi lezi zinsolo uzithole ezinkundleni zikuxhuma zimhlukumezile ngisho nomndeni wakhe imbala.
Uqhube wathi yena, nomama wakhe, babemeseka uVuthela iminyaka futhi akakaze ayiphike ingane.
“Iqiniso ukuthi angikaze ngidlwengule noma ngilimaze uZukiswa angihambisani nokunukubezwa, nokubulawa kwabesifazane.