Izindaba

Ukhishwe ekhulukuthu oboshelwe elikaMeyiwa

OMUNYE wabasolwa ngokubulala awabe engukapteni weBafana Bafana ngonyaka ka-2014 uzokhishwa ekhulukuthu.

Umsolwa wesithathu uMthobisi Mncube, nasolwa naye, uFisokhuhle Ntuli, bafake isicelo sokuba bakhishwe endlini emnyama.

Laba bobabili bagcinwe ezitokisini ezise Kgosi Mampuru 2 Correctional Services, endaweni yeziboshwa eziyingozi kakhulu.

Sebeqede iminyaka emine endlini emnyama /ekhulukuthu kusukela kwaqala icala labo, kwisicelo abasifakile bathe ukuhlala kwabo endlini emnyama kuyabahlukumeza empilweni.

Kwisicelo sikaNtuli, utshele inkantolo ukuthi kusukela ehlala endlini emnyama uqale ukuphathwa isifo sengqondo ngo Oktoba 7, 2024.

Uthe ukuhlala kwakhe endlini emnyama kumubangele umzwangedwa, uyahluleka ukugxila kwakwenzayo, unokhwantalala futhi uzizwa elahlekelwa ithemba.

Uthe ngenxa yokuphathwa isifo somqondo, akasakwazi ukutshela umluleki wakhe okumele amtshele khona mayelana necala lakhe.

Okunye akukhonondelayalo, uMncube uthe bahlaliswa bodwa amahora angamashumi amabili nambili ngosuku ngaphandle kokubonana nabanye abantu futhi abanalo ilungelo lokufunda, ukulalela umsakazo nokubukela umabonakude.

Ngokunjalo, uNtuli uthe ukukhishwa kwakhe inyumbazane kumenza abe nokwesaba noma ukwethuka futhi ubuthongo abufiki ebusuku.

UMnyango wezokuHlumeleliswa kweZimilo, uphendula ngalolu daba, ukuphikisile okushiwo abasolwa, uthe laba bobabili abakaze behlaliswe endlini emnyama, kodwa ijele abagcinwe kulona lihlalisa umuntu ngayedwa.

IJaji Jan Swanepoel ukugcizelele ukuthi asuswe uMncube eC-max bese ebuyiselwa endaweni yakhe yakudala noma ayiswe kwelinye ijele.

Ngokunjalo uJaji usichithile isicelo sakaNtuli, uthe akukho okuphuthumayo ngaso.

Laba bobabili kanye nabanye abathathu abasolwa nabo babhekene necala lokubulala uMayiwa eminyakeni eyishumi eyadlula.

UMuzikawukhulelwa Sibiya, Bongani Ntanzi, Mncube, Mthokoziseni Maphisa noNtuli babhekene namacala okubulala, okuzama ukubulala, awokukhuthuza, awokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nelokutholakala nezinhlamvu. Bonke bayawaphika lamacala.

Related Articles

Back to top button