Izindaba

Bafuna zivalwe thaqa izitolo zabokifika kwaMashu

IZAKHAMUZI zaselokishini lakwaMashu, enyakatho yeTheku, zifuna ukuthi kuvalwe thaqa izipaza endaweni yabo.

Lokhu kuza emuva kokuthi othisha besikole kule ndawo bethole amaphilisi ephaketheni lama-chips abekade evaliwe nathengwe umfundi esendleleni eya esikoleni.

Asemaningi amacala okubikwe ngawo okudla okonakele KwaZulu-Natal kusukela ngenyanga edlule.

Kwesinye isigameko esenzeke oThongathi kugule amalunga omndeni emva kokuphuza i-drink ababeyithenge espaza sasendaweni.

Emva kwezigameko eziningi zokudla okunoshevu okutholakala ezipaza esinye sezikole kwaMashu siqale uhlelo lokuhlola wonke umfundi ofika nama-chips esikoleni.

Ilunga lomphakathi uLinda Zulu uthe bafuna ukuthi zonke izipaza eziphethwe abokufika zivalwe.

“Lezi zitolo kumele ukuthi zivalwe. Ngiyajabula ngoba ingane isindile ngenhlanhla. Lengane ineminyaka eyishumi nantathu, noma kanjani ukube bekuyingane yami eneminyaka emibili ibizowadla lama-chips, angazi ukuthi bekuzokwenzakalana ngayo, ngifuna lezi zitolo zivalwe.”

Esinye isakhamuzi uScelo Mamle usola uhulumeni ngokungakwazi ukulawula izipaza. “INingizimu Afrika ayinamthetho, awukho umthetho ovikela abantu bakulelizwe. Umthetho okhona ovikela abantu bokufika. Lento isinesikhatha eside yenzeka. Siyezwa ukuthi abasebenzi bezempilo bayafika babheke izimpahla futhi bayazithola ezonakele kodwa abenzi lutho ngalokho. Lezizitolo kumele ngabe kade zavalwa, abenzi bokubi bajeziswe. Ngebhadi awukho umthetho ogunyaza amaphoyisa ukuthi abophe labantu.”

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uRobert Netsiunda uthe amaphilisi athathiwe ukuze ayohlolwa.

“Ngebhadi njengoba singamaphoyisa ngeke sivele sivule icala ngenxa yokuthi kumele sivule icala. Lesi gameko siyasazi, okwamanje sisalinde imiphumela ezositshela ukuthi inhloboni yamaphilisi, uma engekho emthetheni sizovula icala.”

Umnikazi wesitolo usalivalile ibhizinisi lakhe kuze kuqedwe uphenyo oluqhubekayo.

Related Articles

Back to top button