Izindaba

Umangazile owoKhozi eshiya isigubhukane

Musa Mkhize

LISHONE elango Lwesithathu kukhulunywa eyokusula komphathi wosikhondlakhondla somsakazo Ukhozi FM, uSbongi Ngcobo.

Ayicaci imbangela eholele ekutheni uNgcobo ashiye phansi isikhundla sakhe sokuba umphathi walesi siteshi. Kuthiwa kodwa  useyithumele incwadi eshoyo ukuthi uyashiya esikhundleni.

Imibono yabalaleli kanye nabalandeli boKhozi  iyashayisana, abanye bathi wenze kahle wasula uNgcobo ngoba ubegxambukela emisebenzini yabanye abaphathi. Abanye abalandeli bancoma amagalelo kaNgcobo.

Ekhasini likaFacebook uNtokozo Mbuli uthe ujabule kakhulu ngokusula kaNgcobo ngoba abantu abaningi bebengajabule ngaye.

“Abantu abaningi bebengajabule ngoSbongi, bekukhalwa kakhulu ngendlela abephethe ngayo emsakazweni. Kodwa-ke simfisela impumelelo lapho eya khona,” kusho uMbuli.

USabelo Dlodlo uthe yena akaphathekile kahle ngokuhamba kaNgcobo. “Kubuhlungu ukulahlekelwa umholi onjengaye nobesebenza ngokuzigqaja futhi besiziqhenya ngaye ubeyimbokodo enesibindi ubephethe isikhundla esihlonishwayo. Sibonga ubuqhawe nesibindi sakhe sokubhekana nezinselelo eziningi,” kuchaza uDlodlo.

UNgcobo ubephinde asolwe ngokuba undlovukayiphikiswa emsebenzini. Umthombo ongaphakathi oKhozini FM uthe kukhonjwa yena ekuxoshweni kaNongcebo McKenzie, Zandile Tembe kungenxa yakhe. Kuzokhumbuleka ukuthi kusanda kusuka isigubhukane uPearl Maseko-Binqose obengumphathi wezinhlelo. Njengamanje uMaseko-Binqose usebenza ngaphansi woMnyango kahulumeni.

Inhloko yezindaba zeSABC eKZN uBusani Mthembu, kumenyezelwe ukuthi uye ozobamba esokuba umphathisteshi kuKhozi FM kulandela ukusula kukaSbongi Ngcobo.

Related Articles

Back to top button