Usesibhedlela umculi othenge amakhekhe ko’my friend’
Liyah Mseleku
KUBONWA ngokusa esibhedlela kumculi we-Afro Pop uSteven Zulu Shongwe odume ngoSMezi othenge wadla amakhekhe espaza sabantu baseSomalia.
USMezi (31) waseTembisa, Ekurhuleni, osanda kukhipha i-album esihloko sithi Smezi Kazi Palisa kuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela esiseduze kukubi kulandela ukudla amakhekehe eLemon Cream.
Ngokuthola kwePurpose usuku lwesithathu lolu uSmezi elwelwa impilo, kanti abalandeli bakhe sebezwakalise ukuzwelana naye bamfisela ukululama okusheshayo.
Ngesikhathi iPurpose imfonela ucingo kubanjwe uLerato ozichaze njengophathina wakhe.
“Usesibhedlela eTembisa ungene ngoMsombuluko kodwa isimo sakhe siyathembisa. Iqiniso ukuthi ubedle amakhekhe anophoyizini,” kuphawula uLerato.
Kwenzeka lesi sigameko nje izakhamizi zaselokishini lakwaMashu, kwaZulu-Natal, zifuna kuvalwe thaqa izipaza endaweni yabo.
Lokhu kuza emuva kokuthi othisha besikole kule ndawo bethole amaphilisi ephaketheni lama-chips abekade evaliwe nathengwe umfundi esendleleni eya esikoleni.
Asemaningi amacala okubikwe ngawo okudla okonakele KwaZulu-Natal kusukela ngenyanga edlule.
Kwesinye isigameko esenzeke oThongathi kugule amalunga omndeni emva kokuphuza i-drink ababeyithenge espaza sasendaweni.
Emva kwezigameko eziningi zokudla okunoshevu okutholakala ezipaza esinye sezikole kwaMashu siqale uhlelo lokuhlola wonke umfundi ofika nama-chips esikoleni.
Ilunga lomphakathi uLinda Zulu uthe bafuna ukuthi zonke izipaza eziphethwe abokufika zivalwe.
“Lezi zitolo kumele ukuthi zivalwe. Ngiyajabula ngoba ingane isindile ngenhlanhla. Lengane ineminyaka eyishumi nantathu, noma kanjani ukube bekuyingane yami eneminyaka emibili ibizowadla lama-chips, angazi ukuthi bekuzokwenzakalana ngayo, ngifuna lezi zitolo zivalwe.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uRobert Netsiunda uthe amaphilisi athathiwe ukuze ayohlolwa.
“Ngebhadi njengoba singamaphoyisa ngeke sivele sivule icala ngenxa yokuthi kumele sivule icala. Lesi gameko siyasazi, okwamanje sisalinde imiphumela ezositshela ukuthi inhloboni yamaphilisi, uma engekho emthetheni sizovula icala.”