Ezokungcebeleka

OkaMaskandi ubize uMengameli ngomsu#$&@ kanina

Philasande Luthuli

UMCULI kaMaskandi uNjoko usebize umengameli wamaBhinca ngaphansi kweziketi zikanina.

UNjoko odabuka eNkandla noNgizwe Mchunu uvuke ebusuku kuzosa kube uLwesine ethi akulaleki waqopha ivideo ekhala ngokuzondwa uMengameli wamaBhinca.

“Ngizwe sengikhathele bhuti futhi ngidelile uwe ngingenacala m#@$u kanyoko. Ningixolele kodwa uma kumele ngife noma kuphele ngami emhlabeni kuzomele kuphele nya sengibekezele kakhulu ngidlala lenja,” usho kanje.

Uqhube ngokuthi uyazi ukuthi kukhona abamhloniphayo futhi abangakulindele lokhu kuye kodwa naye ungumuntu.

“Ngisebenzela izingane zami futhi angikaze ngafisela umuntu okubi. Kuyazwela nakimi, lomuntu uyisitha kimi empilweni yami ngingakaze ngimone ngalutho.

UNjoko ubhodla nje ucasulwe inkulumo kaNgizwe esabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho egxibha ipromo music video entsha naye uqobo.

Ezikhalela lo mculi uthi nango-2020 uNgizwe wenza okufanayo ezokhipha i-album esihloko sithi Isiziba uthi wayihliphiza engakayazi nokuthi izothini.

“Ngenhlanhla yaphuma i-album ingoma ethi Baba kaMelo yaduma yadla abantu nakuba yathatha isikhathi ngoba abantu babekholwe lokho ayekusho,” kunaba uNjoko.

“Ngabe labafana bafuna ukuyiqinisekisa yini lento abasolwa ngayo? Nangu esethi uyiqanda leGrootman. Angikaze ngimbone umuntu ocula amas#$&- kanje uyangimphoxa mkhaya wami. IMusic video yakhona into efile eshuthwe ngemali encane ekade wafika emculweni eyithola imali eyidla nezif$@#&be bangaganwa bangakha. Balandelana nomfana omncane. Uhlulwa yini uNjoko ukuba nobuciko ashaye into ephezulu njengoSminofu. Liphi ipeni kubaculi,” kubuza uNgizwe.

Related Articles

Back to top button